Ukusoka akukhona okwabafana kuphela, amadoda amadala okuyiwona aseya ocansini asengasoka.
Lokhu kushiwo uMnuz Phakamani Ndlovu wePhakamani Empowerment egqugquzela ukuthi abesilisa basoke. Uthe abafana abancane abaneminyaka engaphansi kuka-15 kuhle ukuthi basoke kodwa iqiniso ukuthi bona basuke bengakaqali ukuya ocansini.
“Abesilisa esibadinga kakhulu abeneminyaka ephakathi kuka-15 kuya ku-29, okuyibona abasuke sebeqale ukuya ocansini, abasengcupheni yokuthola izifo zocansi kuzo okubalwa neHIV," kusho uNdlovu.
Uthe abantu abakule minyaka bavamise ukuba nezaba zokuthi kungani bangayi kosoka.
“Izaba ababa nazo ukuthi bayasebenza ngeke bakwazi ukulova emsebenzini, abanye bayafunda ngeke bakwazi ukulova esikoleni, kanti abanye babona sengathi amasonto ayisithupha okuyisikhathi esilindwayo ngaphambi kokuthi uye ocansini uma kade usokile side ngokungabekezeleki,” kusho uNdlovu.
UDkt Khumbulani Moyo weRigth to Care, uthe ucwaningo olwenziwe yiHuman Sciences Research Council, i-Sixth SA National HIV Prevalence, Incidence, and Behavior Survey, olushicilelwe ngo-2022, luveze ukuthi ukuthi cishe u-50% wabesilisa baseNingizimu Afrika abaneminyaka engu-15 kuya ku-24, abasokwe ezikhungweni zezempilo.
“Sinxusa amadoda amadala ukuthi asoke. Ungasoka noma uneminyaka emingaki, ungabi sengcupheni okutheleleka nge-HIV," kusho uDkt Moyo.
Lezi zinhlangano zithe okunye okuyinkolelo ukuthi ukusoka kwenziwa ebusika.
UNdlovu uthe isilonda sipholiswa indlela umuntu asinakekela ngayo, akuhlangene nokuthi isiphi isikhathi sonyaka.
"Ukusoka kwenziwa nganoma iyisiphi isikhathi sonyaka bese uyasinakelela sizophola ngesikhathi esilinganayo nalesi esiphola ngaso nasebusika. Into eyenza ukuthi sikugqugquzele ukuthi abesilisa baye kosoka ngalesi sikhathi ukuthi abafundi basuke bevalile okubanikeza ithuba elihle lokuthi bayosoka," kusho yena.
Uthe abanye abantu bathoba isilonda ngamanzi anosawoti, bagcobe uvaselina okuyikhona okubhibhisa isilonda.
Uthe kule nyanga bakhuthaza kakhulu ukuthi kuphume abesilisa abaneminyaka ephakathi kuka-15 kuya-29.
UDkt Moyo uthe: "Ubusika buyisikhathi esinabantu abaningi abasoka ngaso eNingizimu Afrika, amathimba ethu eGauteng, Free State, Eastern Cape, Western Cape, Limpopo, Mpumalanga, North West naKwaZulu-Natal asuke emi ngomumo ukuze asoke abesilisa mahhala.“