AKHALA ngokunganakwa amanesi angaqashiwe osekuphele isonto eqhinqe ngaphandle kwebhilidi loMnyango wezeMpilo iNatalia, eMgungundlovu.
Ngokuthola kweSolezwe, amanesi alinganiselwa ku-150, asuka ezindaweni ezehlukene KwaZulu-Natal ankanise kule ndawo.
Lilandisa ngodaba elinye lawo, uNksz Slindile Ndlovu, lithe baneminyaka engaphezu kweyishumi bathola iziqu kodwa lutho umsebenzi.
“Mina nje, ngigogoda ngo-2013, ngaqala ngafaka izicelo zomsebenzi njalo uma kuphume izikhangisi kodwa namanje angikaze ngiqashwe,” kusho uNksz Ndlovu.
Uqhube wathi abanye ozakwabo, abaqhinqe nabo, bagogoda ngo-2007.
Udalule ukuthi iningi labo njengoba lihleli ngaphandle kwebhilidi lowezempilo, lalikhona kulabo ababelinganiselwa ku-8000 abavele bagcwalisa inkundla yezemidlalo, behambise izicelo zabo esibhedlela iNkosi Albert Luthuli, eThekwini ngo-2018.
Ngaleso sikhathi umnyango wawukhangise izikhala ezingu-100 kuphela.
Uphinde wathi babekhona futhi kulabo ababeyofaka izicelo eminyakeni edlule, kuzovulwa isibhedlela iDkt Pixley Ka Isaka Seme Memorial, KwaMashu.
Wenze izinsolo zokuthi ziyadayiswa izikhala.
“Sine-group kaWhatsapp yamanesi angaqashiwe lapho esixoxa khona ngodaba lwethu. Sesize sajwayelana, sibaningi. Kukhona abaveze ukuthi sebeqashiwe kodwa bagwaza ngemali enguR35 000 ukuze baqashwe,” kusho uNksz Ndlovu.
Uthe babatshela ukuthi izikhulu ezigwazelwa ngale mali zikhona ngaphakathi kuleli bhilidi abaqhinqe ngaphandle kwalo.
“Asinawo uR35 000 wokugwaza kodwa umsebenzi siyawudinga, sicela ukuqashwa,” usho kanje.
Uthe ngoMsombuluko kukhona isikhulu esiphume ngaphakathi sabatshela ukuthi asikho isabelomali sokuthi baqashwe.
Wathi banombuzo wokuthi sisuke sesivelaphi esokuqasha abagwazayo.
Uthe bazoqhubeka nokuqhinqa ngaphandle kwaleli bhilidi kuze kuba bachazelwa into ezwakalayo maqondana nokungaqashwa kwabo.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uMnuz Ntokozo Maphisa, uthe "Umnyango ufisa ukukubalula ukuthi zikhona izikhangiso zabahlengikazi nabahlengi ezikhishiwe, bayanxuswa labo abenesifiso sokufaka izicelo zokuqashwa ukuba babheke kwi-website yomnyango.
Uqhube wathi odabeni lwezinsolo zokugwazisa, umnyango unxusa ukuba labo abanobufakazi balokhu ukuba bavule amacala emaphoyiseni bese beletha ubufakazi ukuze umnyango uphenye.