IMEYA yaseMhlathuze, uMnuz Xolani Ngwezi, igqugquzele abantu ukuthi beze ngobuningi babo emabhishi aseRichards Bay ngoba aphephile futhi kuningi okuzobathokozisa.
UNgwezi kuleli sonto ubehlola umsebenzi oqhubeka ebhishi, i-Alkanstraad, ezoqinisekisa ukuthi linwetshwa ngo-250 metres kugcwaliswe kahle nesihlabathi ukuze izivakashi zizobhukuda kahle.
Uthe amabhishi abo asesimeni esifanelekile ukuthi kungabhukuda abantu futhi amanzi akhona ahlanzekile.
Ubalule ukuthi akhona ama-lifeguard kusukela ngo-7 ekuseni kuya ku-5 ntambama ukuze anakekele ababhukudayo.
Ngaphandle kokuhlola i-Alkanstraad, ube esedlulela ebhishi elibizwa nge-New Ark abantu abazijabulisa kulo.
UNgwezi uthe iningi intuthuko ezayo kuleli dolobha ngoba bafuna ingqalasizinda esemabhishi abo ifane neyaseThekwini kodwa-ke lokho kuzodinga imali.
Ubehambe ekhuluma nabantu ebabuza ukuthi bayakuthokozela yini ukuzikhiphela emabhishi aseRichards Bay nakwezinye izindawo zezivakashi eziphethwe yilo masipala.
“Amabhishi ethu asesimeni esifanele futhi aphephile ukuthi abantu bangazithokozisa kuwona. Kubalulekile ukuphepha kwabantu kithina. Akhona nama-swimming pool lapho abantu bengabhukuda khona. Siyabagqugquzela ukuthi babhukude ngo-7 ekuseni kuya ku-5 ntambama ngoba kusuke kusekhona ama-lifeguard. Abantu abeze eMhlathuze kuningi okuzobathokozisa,” kusho uNgwezi.