BASHAYELELA isipikili sokugcina bavuma ngo-elethu abaholi bamaqembu abambisene kuhulumeni eyokunyuswa kwesibalo samalungu eKhabhinethi yakuleli.
Lokhu kuvezwe nguMengameli Cyril Ramaphosa izolo ephendula umbuzo welungu lePhalamende uMnuz Mmusi Maimane.
UMaimane ubuze ukuthi kungani angaxoshi amaphini ongqongqoshe kwiKhabhinethi yakhe ngenxa yokuthi izwe libhekene nenkinga yezimali engenza ukuthi kunqanyulwe isibalo sothisha ezikoleni.
URamaphosa uthe ngaphambi kokwethula iKhabhinethi ehlanganisa wonke amaqembu angu-10 abambisene, wayisa uhlu kubaholi bamaqembu.
“Abaholi bavuma eyeKhabhinethi esinayo manje. Isimo sezimali sisiqaphe ngelokhozi kanti le ndaba ayiqali ukususa umsindo. Maduzane uNgqongqoshe wezimali uzothula umbiko mayelana nesabelomali sezwe, nokuyinto esiyiqaphe ngelokhozi,” kusho uRamaphosa.
Usho kanje izwe libhekene nenkinga yokuncishiswa kwesabelomali eminyangweni ehlukene.
Iminyango eshayeke kakhulu ngalokhu kubalwa owezemfundo, ongeke ukwazi ukwandisa isibalo sothisha ngonyaka ozayo ngenxa yale nkinga.
Mayelana nodaba lokususwa esikhundleni kukaNgqongqoshe wezobuLungiswa uNksz Thembi Simelane, mayelana nemali ‘ayiboleka ebhange’ eselawa i-VBS Mutual, uRamaphosa uthe usalucubungula udaba lwakhe.
“Maduzane ngizokwenza isimemezelo. Ngayithola incazelo esuka kuNksz Simelane mayelana nalolu daba,” kusho uRamaphosa.
URamaphosa ungaphansi kwengcindezi yokuthi amkhombe indlela uNksz Simelane mayelana nemali engu-R575 600, ayiboleka enkampanini eyayisebenzisana nebhange i-VBS, ngesikhathi esayimeya kuMasipala wasePolokwane.
UNksz Simelane usevele ngisho ngaphambi kwekomiti lezobuqotho kwi-ANC mayelana nalolu daba.
Mayelana nokusebenzisana kuhulumeni wokubambisana uRamaphosa uthe yonke into isahamba kahle.
“Awukho umlingo mayelana nokusebenza ngokubambisana kuhulumeni. Into ekhona ngukuthi wonke amaqembu asebenza ngokuzikhandla, nangokubambisana,” kusho uRamaphosa.
Ubalule ukuthi bayazeseka izikhungo zikahulumeni ezilwa nenkohlakalo ngaphandle kokuchema nokwenzelela.
Umholi weqembu eliphikisayo ePhalamende Umkhonto weSizwe, uDkt John Hlophe, ubuze uRamaphosa ngemali engamaDola, eyatholakala epulazini lakhe iPhala Phala eLimpopo, angazange ayiveze.
Ephendula uRamaphosa uthe njengoba lolu daba selusezithebeni zenkantolo yoMthethosisekelo, kungcono kulindwe inkantolo inqume ngalo.
Uthe uhulumeni uzibophezele ekulweni nenkohlakalo wathi izikhungo eziphenya lokhu kumele zisebenze ngaphandle kokuthikanyezwa.