LIZOSABALALA nezwe lonke ithimba elihlola izikole zokusokwa ngenhloso yokuvimba ukufa, ukulimala nokunye okwenzeka uma kuqhutshwa usiko. IPhini likaNgqongqoshwe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMnuz Zolile Burns-Ncamashe, lethule umthetho omusha wekusokwa kwabafana.
INingizimu Afrika ivamise ukubhekena nenkinga yokufa kwabafana abasuke beyosoka entabeni, abanye balimale bakhubazeke impilo yabo bonke. Lokhu kuvame ukuzwakala esifundazweni i-Eastern Cape. Kubuye kuvele nezinsolo zokuhlukunyezwa entabeni okuthiwa kwenziwa abasuke bengamele uhlelo lokusoka.
Izikole zokusoka kuthiwa ziba woqhibukhowe ngoba kukhona abasuke befuna ukwenza imali ekubeni bengenalo ulwazi olwanele.
UNcamashe wethule umthetho esithangamini nabezindaba eTshwane. Uthe kunethimba elibekiwe elizokwelusa ukuqhutshwa kohlelo lokusokwa kwabafana, yonke indawo futhi abaphambana nomthetho bazoboshwa. Ithimba iNational Initiation Oversight Commitee (NIOC), lisebenzisana nezinhlaka ezehlukene zomthetho ukuze uma kunesidingo, kuboshwe izigangi.
UNcamashe uthe umthetho omusha usanda kuphasiswa ePhalamende wasayinwa nguMengameli Cyril Ramaphosa, yingakho usuqalile ukusebenza. UNcamashe uthe amahlathi aphelile kulabo abasoka ngokungekho emthethweni.
“Ngeke kubekezelelwe ukwephulwa komthetho ngoba kufana nokwedelela uhulumeni uqobo. Sizobhekana nalabo abangase babe oskhwili phambana nobhoko, benze okungekho emthethweni. Sifuna abantu abaya entabeni bahambe bephila, babuye bephila,’’ kuchaza uNcamashe.