KHETHA SANGWENI
INKOSI yabaThembu, uBuyelekhaya Dalindyebo, ithi abazona izitha nowayengumengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma, futhi iyameseka ezinkingeni nasemacaleni abhekene nawo.
Inkosi yabaThembu ibe nomhlangano omude noZuma ngoMgqibelo ebusuku, emzini wakhe KwaNxamalala, eNkandla. Inkosi ifike ngemoto yayo esanda kuyiphiwa abaholi be-EFF, kanti ibiphahlwe yinqwaba yabaqaphi abahlomile.
Ifike ilanga selishona inkosi, kade ilindelelwe usuku lonke. Kuvele ukuthi kukhona obekuyibambezele nokudale ukuthi umhlangano wabo uhlale uze uphele ebusuku.
Imibiko ephume ngaphakathi ithi baxoxe kahle futhi iqinisekiswe ngabakhulumela izinhlangothi zombili. Inkosi yabaThembu phambilini ike yangezwana noZuma, ijikijela namagama ayiziswana esidlangaleni. Ibingaqali ukufika kwaZuma, yake yafika ngo-2014.
Eziphuma emhlanganweni zithi, uZuma nenkosi baxoxile ngokuphambana kwabo futhi bakudlulisa. Kuthiwa inkosi iqinisekise ukumeseka uZuma njengoba enezinkinga ehamba nezinkantolo.
Okhulumela iJacob Zuma Foundation, uMnuz Mzwanele Manyi, uthe konke kuhambe kahle baxoxisene uZuma nenkosi.
“Inkosi ngesikhathi ivakashele uZuma, ikubeke kwacaca ukuthi ayinankinga naye futhi akukho ngxabano phakathi kwabo. Uveze ukuphoxeka kwakhe nokungenami ngendlela abezomthetho abaphatha ngayo uZuma wathembisa ukumeseka kusukela manje kuya phambili. Baxoxe nangezinsuku zakudala besekudingisweni,’’ kusho uManyi.
Okhulumela ubukhosi babaThembu, uMnuz Mthunzi Ngonyama, uthe konke kuhambe kahle, uZuma uze wayinika isipho inkosi.
“Inkosi ibifikele ukuzobona uZuma ngoba uke waba sejele kanti uhamba nezinkantolo ekubeni usemdala. Konke lokhu kuyayikhathaza inkosi. Ibizele ukuzomeseka, baxoxa nangezinye izinto kwaba mnandi nje, uZuma ukhiphe iziklabhu inkosi isihamba wayinika,’’ kusho uNgonyama.
Okunye okuqaphelekile wukuthi umhlangano ubuthanyelwe nangummeli kaZuma, u-Advocae Dali Mpofu SC.