AMAHOLIDI okuvalwa kwezikole ango-Okthoba azoqhubeka njengoba bekuhleliwe kodwa izikole ezidinga ukusebenzisa leso sikhathi zizozenzela izinhlelo zazo.
Lokhu kushiwo uNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo kuleli, uNkk Angie Motshekga, esithangamini sabezindaba namuhla lapho ebechaza ngokuthi ezemfundo zithinteke kanjani ngenxa yobhubhane lweCovid-19.
Uthe emuva kokuhlangana nomkhandlu wongqongqoshe bezemfundo, iCouncil of Education Ministers (CEM), kuthathwe isinqumo sokuthi amaholide aqhubeke abe khona.
"Phambilini bekunesiphakamiso sokuthi amaholidi angabi khona, kusetshenziswe leso sikhathi ukubuyisa isikhathi esilahlekile. Emhlanganweni ebesinawo kuvele ukuthi ikhalenda lezemfundo lakulo nyaka alingashintshwa ngoba ukushintshwa kwalo kuwumsebenzi omkhulu," kusho yena.
Uthe ithimba ebelicubungula ngalolu daba libikele iCEM ukuthi emuva kokucubungula, libone ukuthi ngeke kube wumqondo omuhle ukuthi angabi khona amaholidi.
Uqhube wathi, leli thimba lithe ikhalenda elikhona njengamanje selike lachitshiyelwa izikhawu eziningana ngakho kumele kuqhutshekwe ngalo lingabe lisaphazamisa, izifunda nezikole ezinesidingo sesikhathi esengeziwe, zingazenzela izinhlelo zazo.