INGASE ibekwe endlini yayo yokugcina ngoMgqibelo ingqwele endimeni kanobhutshuzwayo okuthe ngoMsombuluko yalishiya leli elimagade ahlabayo, uCedric Themba ‘Sugar Ray’ Xulu.
Lokhu kuvezwe ngenye yamadodana akhe kwamathathu, uMnuz Thamsanqa Xulu, ehlala eGoli leli phephandaba elikhulume naye esendleleni esuka eGoli, ebheke ekhaya eClermont.
UXulu (81), okuqanjwe ngaye inkundla kanobhutshuzwayo, iSugar Ray Xulu, okudlalela kuyo iLamontville Golden Arrows neyakhiwe esizeni sakubo eNdunduma, udlule emhlabeni esesibhedlela abelashwa kusona iSt Mary’s, eMariannhill ngoMsombuluko ntambama.
“Nakuba singakahlangani sibophe igama elilodwa nomndeni kodwa ngiyacabanga ukuthi sizomfihla ngoMgqibelo. Ngicabanga ukuthi uma ungase ungithinte kusasa ntambama (namuhla) ngizobe senginayo yonke imininingwane ngokufihlwa kwakhe,” kuchaza uThami.
Ebuzwa ukuthi ngabe kuzokwenziwa njani njengoba uhulumeni ebeke imigomo eqatha ngemingcwabo ukunqanda ukubhebhetheka kwegciwane i-Corona, uthe akukho okunye ngaphandle kokulandela imithetho njengoba injalo.
“Nakuba singazi ukuthi le mibandela esiphila ngaphansi kwayo iyoxegiswa nini kodwa ngiyethemba ukuthi kuyothi uma abantu sebengakwazi ukuhlangana, senze isikhumbuzo sakhe. Kodwa njengamanje asikwazi ukuphambana nomthetho kahulumeni,” kubeka uThami.
Enye yezinkakha uXulu adlala nayo kuMaZulu, * -Eric “Ndunakandaba” Ngidi, ibalise kakhulu ngokuthi ngeke bakwazi ukuphelezela iqhawe labo ngesizotha.
Umphathi waMaZulu, uLunga Sokhela, okwathi kufika kubona ukuthi owayeyiqhawe leqembu labo, uhlaselwe wukugula, basungula isikhwama iSugar Ray Xulu Legacy Fund, utshele Isolezwe ukuthi bazohlangana nomndeni ngenhloso yokuklama indlela eya phambili.
“Kuyisifiso sethu sokuthi ubab’ Xulu abekwe ngesizotha esimfanele. Nathi sizozwa ngomndeni ukuthi kuzokwenziwa njani njengoba kunesimo sikathaqa ngenxa ye-Covid-19,” kusho uLunga.
UXulu ufike kuMaZulu esabizwa ngeZulu Royals United FC ngo 1970 esuka kwi-Avalon Athletic eyayidlala kwiSouth African Soccer League (Sasl). Emva kokuphela kwaleli qembu ngo-1969 ngenxa yobandlululo, olwalungafuni ukuthi izinhlanga ezahlukene zidlale ndawonye kwasize lona lwaluxubile. Uze wawagaxa emgibeni amakhokho ngo-1982.
* Funda umbono wephephandaba ekhasini 10 nodaba ngoXulu ekhasini 15 lezemidlalo