OWAYENGUNGQONGQOSHE wezeziMali, uDkt Tito Mboweni, uhlonishwe ngomngcwabo kahulumeni osesigabeni sesibili.
IHhovisi likaMengameli limemezele ukuthi uMboweni uzongcwatshwa ngoMgqibelo, eNkowankowa Stadium, eLimpopo.
Okhulumela iHhovisi likaMengameli, uMnuz Vincent Magwenya, uthe uMengameli Cyril Ramaphosa, uyalele ukuthi amafulegi andiziselwe phansi kusukela izolo, kuze kuba kudlula umngcwabo kaMboweni.
“Umengameli uyaphinda futhi ukhalisana nomndeni nabangani bakaMboweni. UMboweni ulisebenzele izwe ezigabeni ezahlukene. Ubeqhamuka nemigomo yezomthetho, eyisishoshovu samalungelo abasebenzi futhi ubehlezi ebeka phambili eyokuphathwa kahle kwemali yomphakathi.”
UMboweni ushone ngeledlule, emva kokuxinwa ukugula.
UMboweni waba ungqongqoshe wezeziMali kusukela ngo-2018, wasula ngo-2021.
Uke waba umphathi weBhange loMbuso, i-SA Reserve Bank, futhi wayengungqongqoshe wezabaSebenzi kuhulumeni wokuqala wentandoyeningi.
UNobhala Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uthe kumfanele uMboweni ukuhlonishwa ngomngcwabo osezingeni likahulumeni.
UMbalula uthe uMboweni ubambe iqhaza elikhulu ngesikhathi kuliwa nohulumeni wobandlululo, waphinde wasebenza ngokuzikhandla ngesikhathi sekuphethe uhulumeni wentandoyeningi.
Ukusho lokhu ngesikhathi beyohlanganisa amehlo nomdeni kaMboweni ngoLwesibili ebusuku.
UMbalula uthe ngesikhathi uMboweni ewungqongqoshe wezeziMali, ziningi izinguquko azenzayo ezaqinisekisa ukuthi imali yomphakathi ayimoshwa ngokuthengelwa ongqongqoshe izimoto zikanokusho.
“UMboweni ubeyingcithabuchopho, akubuzwa ukuthi ubewungoti wezomnotho. Lana sikhuluma ngomuntu obewumthombo wolwazi. Ubekwazi ukuchaza ngezinto ezahlukene.”
UMbalula uthe basafake isicelo emndenini sokuba nenkonzo yokukhumbula uMboweni.
“Silahlekelwe kakhulu ngokushona kukaMboweni. Ubengasabi ukubhekana nezimbangi zethu kwezepolitiki.”
UMbalula uthe nakuba uMboweni ebengeselona ilungu lesigungu esiphezulu enhlanganweni, ubesazinikele kwi-ANC.
“Akazange aze akhishwe esigungwini esiphezulu. Uyena owaziphumela, wathi ufuna ukudedela intsha. Nakuba ebengeselona ilungu lesigungu esiphezulu, ubesaqhubeka nokubeka imibono yakhe ngezinto ezithinta iqembu. Ubengishayela njalo, engibuza ngezinto ezenzeka eqenjini, bese naye ebeka imibono yakhe. Kuningi ebesikhuluma ngakho naye okubalwa kukho ukwakhiwa kohulumeni wokubambisana.”
Izinhlaka ezahlukene okubalwa kuzo ezamabhizinisi, ziyaqhubeka nokuncoma amagalelo kaMboweni.