Bathandazele ukhetho olunokuthula nozinzo abebandla lamaWeseli ngaphansi kweNatal Coastal District 700, enkonzweni yokuvulwa konyaka eSibusisiwe Hall, eMandeni.
Isifunda siholwa nguMbhishobhi Linda Mandindi, owaziwa ngezintshumayelo ezinohlonze.
Indumezulu yenkonzo ibizinyaziswe yizihambeli eziqavile okubalwa oyiMeya yaseZululand, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, uMfu Bheki Buthelezi obemele iMeya yeLembe, uMnuz Thobani Shandu uSomlomo weLembe, uKhansela uDolly Shandu, noNgqongqoshe wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu Natal, uMnuz Ntuthuko Mahlaba.
Indikimba yenkonzo ibiboshelwe ngaphansi komyalezo othi: “Awakening Prophetic Urgency and Agency Reviving the Church of Christ.’’
Zikubeke kwacaca izikhulumi ezahlukene ukuthi kusemqoka ukuthi kukhulekwe, kunxuswe amandla kaNkulunkulu ukuthi alethe ukuthula ngesikhathi sokhetho lukazwelonke nonyaka.
Bakhulekela ukhetho olunokuthula nje, sokuvele usha phansi umkhankaso wamaqembu ezepolitiki wokunxenxa abavoti.
Enkonzweni bathandazele nokuthi kuthuthuke umnotho wezwe, kuphele nezithikamezo kwezemfundo yaseNingizimu Afrika.
Atheleke ngobuningi bawo amalungu ebandla okubalwa nabantu abasha ezophuma emthonjeni wezwi elingcwele kanti abephuma ezingxenyeni ezehlukene zaKwaZulu-Natal.
UMfu O.T. Dlamini, omunye wabaholi bebandla uthe inhloso yalolu hlobo lwenkonzo ukuveza ukuzinikela kwamalungu nogqozi lokuthuthukisa inqubomgomo yesonto.
Waqhuba wathi inkonzo yenzelwe ukukhuthaza wonke amasekethe ukuthi kumele ukuthi konke akuhlelile, akwenze kuhambisane nenqubo yebandla jikelele.
Uthe kumqoka ukuthi ibandla likhulekele ukuthula ngesikhathi sokhetho.
“Ibandla limele ukuthula. Ngeke ibandla lithi alizihlanganisi nezinto zokhetho ngoba siyingxenye yakho konke okwenzeka emphakathini,’’ kuchaza uMfu Dlamini.
Ugqame obala enkonzweni umoya wokubambisana emthandazweni wokuthula nasezikhulwini zikahulumeni.