UMHOLI we-EFF, uMnuz Julius Malema, usesole amalungu ombutho wezokuvikela kuleli ngokuqinela abantu abahlwempu abatapa ukudla ngesikhathi kuqhubeka izibhelu kuleli.
UMalema uthe amasosha ayingxenye yemikhankaso yokuqoqa impahla eyatatshwa ngesikhathi kuqhubeka izibhelu KwaZulu-Natal naseGauteng, kufanele engabe aphume umkhankaso wokufuna labo ababulala abantu ePhoenix, lapho kwashona khona abantu abangu-38 ngesikhathi kuqhubeka izibhelu.
UMalema ukusho lokhu ngesikhathi ethula inkulumo emcimbini wokugubha iminyaka eyisishiyagalombili kwasungulwa i-EFF.
Lo mcimbi obuyizolo, ububanjwe kusetshenziswa ezobuchwepheshe njengoba izwe lisabhekene nobhubhane iCorona.
Ethula inkulumo yosuku, uMalema uthe bona abahambisani nokutshalwa kwamasosha ukuba ayobhekana nezibhelu.
“Kwakunhloboni yamasosha lena ehamba iphuca abantu abahlwempu amathini okudla nempuphu? Mina ngazi ukuthi amasosha ayaphuma ayokulwa namanye amasosha. Kungani abantu bakithi bengayekwa badle ngoba kusobala ukuthi balambile? Bagijimela ebantwini abahlwempu ngoba kuyehlela ngakhona.
“Kungani la masosha engayi ePhoenix ayofuna izibhamu ezasetshenziswa ukubulala abantu bakithi? Awahambe aye ePhoenix, kukhona into engifuna ukuyibona.”
UMalema uthe namanje basamile ekutheni uhulumeni kwakungafanele atshale amasosha ukuzobhekana nezibhelu.
Usole uhulumeni oholwa uMengameli Cyril Ramaphosa, ngobugwala.
“Uma kuwukuthi uRamaphosa uyazethemba, uyazi ukuthi wavotelwa ngabantu abaningi futhi akazange athenge amavoti ukuze anqobe engqungqutheleni yokukhetha ubuholi be-ANC, bekufanele aye kubantu ayokuzwa izikhalazo zabo.
“Abaholi abangondlovukay’phikiswa kuphela abathumela amasosha uma kunezinkinga emazweni abo. Abaholi bangempela abathumeli amasosha, kepha baziyela bona mathupha ukuyokuzwa izikhalazo zabantu. URamaphosa akayeke ukucasha ngamasosha, ahambe ayokuzwa izikhalazo zabantu.”
UMalema uthe kungamampunge ukuthi lezi zibhelu eziqubuke emva kokuboshwa kowayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma, beziyimizamo yokuqumba phansi uMbuso.
“Uma kunemizamo yokuketula uMbuso, kufanele kwaziwe ukuthi obani abafuna ukuketula uMbuso. Njengamanje akekho umuntu oseke wathi ufuna ukukhipha ngendluzula uhulumeni obusayo. Ngakho ke akusilo iqiniso ukuthi kube nemizamo yokuketula uMbuso.”
UMalema uthe kuningi osekuzuzwe yiqembu lakhe (i-EFF) kusukela lasungulwa eminyakeni eyisishiyagalombili eyedlule.
Phakathi kwezinto azibalile, ubale ukulwela kwale nhlangano ukuthi uZuma ukhokha ingxenye ethile eyasebenza ngesikhathi kuphuculwa ezokuphepha emzini wakhe neqhaza elibanjwe wuphiko lwabafundi kule nhlangano, i-EFFSC, nokulwela imfundo yamahhala ezikhungweni zemfundo ephakeme