LUZODINGIDWA ngenyanga ezayo ePhalamende, udaba ngombiko wethimba elijutshwe nguSomlomo wePhalamende, uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula, ukuthi liphenye ukuthi ngabe kumele yini uMengameli Cyril Ramaphosa, abhekane nesiphakamiso sokungabuthembi ubuholi bakhe ngemva kwezinsolo ngokutholakala kwemali ifihlwe epulazini lakhe, iPhala Phala, eLimpopo.
Leli thimba eliholwa yijaji eselathatha umhlalaphansi uMnuz Sandile Ngcobo, licele ukwelulelwa isikhathi sokwethula umbiko ePhalamende. Umbiko lizowuletha ngoNovemba 30.
Okhulumela iPhalamende uMnuz Moloto Mothapo, uthe amaqembu ahlukene izolo, anqume ukuthi udaba ngombiko kumele lubhungwe ngoDisemba 6. Ukubhungwa kwalo ngalolu suku kusho ukuthi kuzokwelulwa nesikhathi sokuguqa kwePhalamende.
Uchaze kanje uMothapo: “IPhalamende bekumele liguqe ngoDisemba 1, ngenxa yokuthi kumele kubhungwe indaba yombiko kudingeke ukuthi kuhlehliswe isikhathi.”
URamaphosa usolwa ngokufihla ukuthi kwebiwa imali epulazini lakhe ngoFebhuwari 2020. Abaholi bamaqembu ahlukene bavumelene ngokuthi udaba lubhungwe ngoDisemba.
UMnuz Narend Singh we-IFP, uthe bayalwamukela usuku kanjalo noNksz Siviwe Gwarube weDA. Abaholi bathe ngeke kulunge ukuthi umbiko udlulele onyakeni ozayo ngoba uyaphuthuma.
“Udaba oluphuthumayo lolu, asikwazi ukuthi singaba nomengameli okunefu phezu kwekhanda lakhe. Yingakho kubalulekile ukuthi lolu daba lusheshe lubhungwe ePhalamende,” kusho uNksz Gwarube.
UMnuz Floyd Shivambu we-EFF, uxwayise ngokuthi kungadingeka kwengezwe isikhathi uma kuvela ezinye izinto kulo mbiko.
Lo mbiko uzobhungwa ngalolu suku nje, kuzobe sekusele izinsuku eziwu-10 ukuthi uRamaphosa avule ingqungquthela yokukhetha ubuholi obusha be-ANC, eNasrec eGoli.
Ingqungquthela izosongwa ngoDisemba 20, kanti uRamaphosa ufuna ukukhuza ibuya kwesokuhola inhlangano kanti ubanga nowayengungqongqoshe wezempilo uDkt Zweli Mkhize.