AMAPHOYISA kwaZulu-Natal athi ithela izithelo imikhankaso yawo yokulwa nobugebengu obuxake isifundazwe njengoba bethola izibhamu ezingu-325 babopha abasolwa abangu- 9 016 ngamacala ahlukene.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthe amaphoyisa asebenza ngokukhulu ukuzikhandla ukunqanda ubugebengu esifundazweni.
Uthe abantu abaningi baboshwe ngoMeyi nje kuphela futhi bayamaniswa namacala okubulala, ukuzama ukubulala, ukudlwengula, ukubamba inkunzi nokweba izimoto. UNetshiunda uthe amaphoyisa asebenza kakhulu ngezobunhloli njengoba egcine ebopha inqwaba yabasolwa.
Uthe izidakamizwa ziphinde zahlonzwa njengembangela yobugebengu yingakho benethimba eliphume umkhankaso libopha abashushumisa izidakamizwa esifundazweni.
UMkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi uthe sekuzoba yinto yansukuzonke ukuphakwa kwamaphoyisa ukuthi abamba izigilamkhuba esifundazweni.
Izibalo zobugebengu zakamuva ziphinde zaveza ukuthi i-KZN isahamba phambili ngobugebengu. Kubhoke kakhulu ukubulawa kwabantu bedutshulwa ngobuningi ezindaweni ezehlukene. #Isolezwengempelasonto