NKOSIKHONA CELE
LITITINYWE amaphoyisa ibhungu elinguBen 10 ebeligoloza ukwaliwa uSugar mama walo, abese bethembisene naye umshado likhala ngokuthi alisoze lahlukana “nosofasilahlale” walo.
USiyethemba Zulu (28) waseClermont, entshonalanga yeTheku, uthi uphelile yisibhaxu amaphoyisa emshayela ukuthi ubenqaba ukwaliwa yisinqandamathe sakhe seminyaka emibili, ashiyana naso ngeminyaka engu-16, uNkz Lungile Mthembu (44) waseManguzi ongumhlengikazi Etshelimyana Clinic.
UZulu uthi okumvelele uyokuxoxela amagwababa echobana. Elandisa uthi bekunguLwesine ngezithuba zantambama ngesikhathi amaphoyisa ezithela kuyena nesithandwa sakhe benengxabano ebishubile ngaphandle kwaseFlethini, iCity Life, eThekwini lapho okuhlala khona lo wesifazane. Uthi amaphoyisa anele abona ukuthi kukhona ukuhilizisana phakathi kwabo, asondela eduze.
“Azwile ukuthi uLungi uyangala. Mina bengingafuni angale bengimncenga ngoba bengikholwa ukuthi ubudlelwane bethu singabulungisa. Okungixakile amaphoyisa avele angingenela ngesibhaxu angisakaza ngezimpama, amanye angijikijela ngezibhakela. Ngesikhathi engishaya ebengibuza ukuthi yini edala ukuthi nginqabe ukwaliwa uSugar mama. Abengishaya engihlanganyela engu-4, ”usho kanje.
Uthi amdonse ngenkani amphonsa ngemuva evenini ashaya achitha naye, ngaleso sikhathi uthi abemvale amehlo kanye nomlomo.
“Ahambe nami ibanga elide nje impela. Aze afika endaweni engingayazi lapho aqale phansi angishaya khona. Aqhubekile angibuza ukuthi yini edala ukuthi nginqabe ukwaliwa. Athe azongishayela ukuthi ngiwumfana omncane oshimile ohlulwa ngontanga bakhe. Ngaleso sikhathi ebesengisusile indwangu emehlweni, ”echaza.
Eqhuba uthi amshiye elimele kabuhlungu ebusweni nasesiphongweni. Uthi yize izinhlungu bezimxine kakhulu kodwa utabalasile waze wayomisa itekisi ebiphindela emuva eThekwini.
Yilapho ke afike khona wabika icala eDurban Central. UZulu utshele iSolezwe ngoMgqibelo ukuthi unothando olujulile lukaLungile, wathi yingakho nje kungelula ukuba amvumele ahambe.
“Ngisamthanda uLungile futhi angisoze ngayeka ukumthanda. Yingakho nje ngamamukela ngesikhathi siqala ukuhlangana ngo-2018 yize angitshela kahle ukuthi unezingane ezingu-4 futhi uphuma emshadweni. Mina angibanga nandaba nalokho ngoba ngavele ngamthanda ngiqala nje ukumbona ngesikhathi siqala ukuhlangana eThekwini, ”echaza.
Ngokusho kwakhe kumphazamisile kakhulu emoyeni wakhe ukwaliwa ngowesifazane obese ephenduke ithemba lempilo yakhe.
“Mina bengizitshela ukuthi siyohlukaniswa ukufa naye. Kanti yena ucabanga ngenye indlela. Okungiphatha kabi kakhulu ukuthi bese sifakane nezindandatho zokuthembisana umshado, ” echaza. Uveze ukuthi utholile ukuthi uLungile umala nje yingoba usezitholele elinye ibhobhodleyana lomfana okuyilona asesho amashushu ngalo.
Ngesikhathi iSolezwe NgoMgqibelo lixhumana noLungile, ucele ukuthi abuye ashayelwe ucingo ukuze ezokhuluma kahle ngokukhululeka ngalolu daba. Kodwa kuthe eseshayelwa futhi, wathi usecabange kahle akafuni ukuphawula.
“Bhuti wami angithandi ukukhuluma ngalolu daba. Sengicabange kahle...angizophawula lutho,” usho kanje maqede wavala ucingo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal, uColonel Thembeka Mbele ukuqinisekisile ukuthi uZulu uvulele amaphoyisa icala lokushaywa, wathi balidulisele ophikweni oluphenya amaphoyisa i-Independent Police Investigative Directorate i-Ipid. Uthe lolu phiko lukuqinisekisile ukuthi luyaluphenya lolu daba.