AMAPHOYISA aseLimpopo, afuna umkhondo wabasolwa abayisithupha ngamacala okudlwengula abesifazane abahlanu.
Kuthiwa isigameko sokuqala senzeke ngesikhathi abesifazane ababili abangabangani, besendleleni beyobona isoka loyedwa elisebenzela abangcwabi, iWisani Burial Society.
Bebehamba emgwaqweni uR37, ngesikhathi behlaselwa ngamadoda ayisithupha abehlome ngezibhamu.
Kuthiwa abasolwa bathathe abesifazane babayisa kwenye indawo yabangcwabi lapho befike bathola abesifazane abathathu nabesilisa abathathu abasebenza khona.
“Kuhlaselwe abesilisa abatholwe behlezi nabesifazane kule ndawo babashaya ngesidunu sezibhamu baze baqhuleka,” kusho uBrigadier Motlafela Mojapelo, okhulumela amaphoyisa eLimpopo.
Kuthiwa badubule isisebenzi esisodwa anduba babhanqe abesifazane nabanye. Kuthiwa kudlwengulwe abesimame abahlanu, babakhuthuza omakhalekhukhwini nokunye abebekuphethe
UMojapelo uthe sebeqalile ukuqoqa ulibofuzo oluzobasiza ukuthi bakwazi ukuthola imininingwane yabasolwa.