KUBE ongaphansi nongaphezulu abavukuzi namaphoyisa bezwana amandla ngezulu lezandla.
Lokhu kwenzeke eMatholeville namuhla njengoba amaphoyisa eqhubeka nomkhankaso wokukhuculula nokulwa nobugebengu eZamimpilo okuyimijondolo yaseRiverlea eGoli.
Ngesonto eledlule, kwatholakala izidumbu ezinhlanu eZamimpilo, nokuyinto ephoqe uhulumeni waseGauteng namaphoyisa ukuba basukumele phezulu bazame ukulwa nokukhuculula imijondolo ehlala abavukuzi abangekho emthethweni.
Namuhla ekuseni, kuvalwa amathaveni ambalwa aseZamimpilo ngemuva kokuthi amalungu omphakathi ekhononde ngokuthi amaqembu alwayo amazamazama ahlaselana emathaveni kugcine sekulimala abantu abangenacala.
UDkt Mgcini Tshwaku onguNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi kuMasipala waseGoli uthe: “Inkinga enkulu evezwe amalungu omphakathi wukuthi uma kuhlaselana amaqembu alwayo, afika esevulela ngenhlamvu kuwo wonke umuntu emathaveni kugcine sekulimala nabantu abangahlangene.”
UTshwaku uqhubeke wathi bathathe isinqumo sokuthi bahambele amathaveni kule ndawo, kuvalwe lawa angenazo izincwadi zokuhweba, bese kuqashwa ngelokhozi lezi ezinazo ukuqinisekisa ukuthi zivala ngesikhathi esifanele.
Amaphoyisa kamasipala waseGoli asuke eZamimpilo alibangisa eMatholeville nokuyimijondolo nayo efuye abavukuzi abangekho emthethweni. La amaphoyisa ahlangane nezimbila zithutha ngoba abavukuzi babingelele ngenhlamvu emaphoyiseni esangena kule ndawo.
Kulo mkhankaso, amaphoyisa ashaqe impahla nezinsizakusebenza ezingekho emthethweni ezisetshenziswa abavukuzi abangekho emthethweni.