Kuboshwe abasolwa abangu-415 ngezinsolo zamacala ahlukene Ekurhuleni, eGatuteng phakathi koLwesihlanu neSonto ekuseni ngeesikhathi amaphoyisa enomkhankaso wokulwa nobugebengu.
Amaphoyisa abeqhuba umkhankaso i-Operation Shanela, ehambisana nakamasipala waseKurhuleni, awomgwaqo aseGauteng, CPF, uMnyango wezaseKhaya nezinye izinhlaka zezokuphepha.
Abasolwa boboshelwe amacala okukhona kuwo awokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni nokunye.
Ngokwesitatimende sawo, amaphoyisa abeqaphe isimo e-Edenpark ngesikhathi ehlangana nowesifazane owatshele ukuthi uphuma esiteshini ukuyovula icala lokudlwengula futhi uyamazi umsolwa.
“Amaphoyisa anikele lapho kuhlala khona umsolwa. Amficile umsolwa futhi ngesikhathi eseshwa, utholakale nesibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu ezingu-11,” kusho isitatimende.
Ngosuku olufanayo amaphoyisa abezulazula ePrimrose emijondolo ebizwa ngokuthi yiseMarathon, azithele phezu kowesilisa osekhulile obekunento evela enqulwini. Kuthe ngesikhathi eseshwa watholwa nesibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu ezine.
Esinye isibhamu sitholakale nezinhlamvu ezine eKatlehong ngesikhathi kuseshwa khona ebusuku ngoMgqibelo.
E-Ivory Park kuboshwe abasolwa abangu-40 ngezinsolo zokushayela bephuzile.
Umkhuzi wamaphoyisa esifundeni Ekurhuleni uMajor General Anna Sithole uwancomile ngemizamo yawo yokwehlisa ubugebengu nokwenza isiqiniseko sokuthi abasolwa bayaboshwa.