INHLANGANO yabantu abasha bebandla lamaNazaretha ohlangothini lwaseBuhleni, iNabathu inikele ngokudla emindenini ehlwempu eGqumeni KwaMashu, ngoMgqibelo.
UMnuz Langalethu Majola weNabathu, uthe babone kungaba yinto embi ukuthi bona bajabule ngamaholidi kaKhisimuSi, ekubeni kukhona imindeni ehlwempu engenalutho - ibe ikhona imizamo abangayenza ukulwa nalokho.
“Yingakho sinikele kule mindeni ewu-75 yamaNazaretha eyakhele Inanda, Ntuzuma, KwaMashu nezinye izindawo ezisondelene nalezo, ngenhloso yokubamba iqhaza ekulweni nobubha nenhlupheko ebantwini bakithi.
“Kulokhu siqoke ukunikela kwabemindeni yabantu esikhonza nabo kuphela, ngoba ngonyaka odlule sasinikele nakwabamanye amabandla. Siyabonga kakhulu kwabasisekile ukwenza lo msebenzi ube yimpumelelo. Sizoqhubeka futhi ngonyaka ozayo,” kusho uMajola.
UMnuz Njabulo Sikhakhane, ongomunye wabahlomule kuleli khwelo, uthe ujabule kakhulu ngakwenzelwe yiNabathu, ikakhulu ngoba ubefihlelwe induku emqubeni, engazanga ukuthi naye ungomunye wabazonikelelwa.
“Ngifisa ukuthi uNkulunkulu ababusise, abandisele nalapho bethathe khona. Ngiyabakhuthaza nabanye abantu nabezinye izinhlangano ukukhuthalela ukwenza izinhlelo ezinjengalolu ngoba ziwusizo kubantu abaswele nabangasebenzi njengathi” kusho uSikhakhane.