AKHALE ngokuthwala kanzima amakhosi uma ehambele imicimbi esuke ihlanganisa umengameli nephini likamengameli wezwe, athi abaqaphi balaba baholi bawabuza ipasi nesipesheli.
Amakhosi athi sekugcina kuba nzima kuwona ukuthi athamele le micimbi ngoba amanye anqatshelwa nokuthi angene lapho kusuke kunemicimbi khona.
Lokhu kuvezwe nguSihlalo weNdlu yobuHoli boMdabu neKhoi-San, inkosi Thabo Milton Seatlholo, emhlanganweni wokuvala unyaka obusePhalamende.
Uthe sekukaningi amakhosi ekhala ngendlela aphathwa ngayo kule micimbi kahulumeni, esuke ihanjelwe ikakhulu yiPhini likaMengameli wezwe uMnuz Paul Mashatile.
“Amakhosi athwala kanzima. Enye inkosi yajikiswa wonogada beyibuza ukuthi ifunani la. Yinto okumele siyiqondise ehhovisi lephini likamengameli ngendaba yonogada bakhe.
Kwamina kuke kwaba nesehlakalo lapho kwakunomcimbi wephini likamengameli eFree State, angizange ngiphatheke kahle. Kungenza ugcine usuxoshwa emcimbini wakho ngoba bengakwazi labo abaqapha umengameli, noma iphini likamengameli.
Uma ungasayi kule micimbi, kuzoba sengathi uphikisana nabo ekubeni kungenjalo ngoba usaba ukuphoxeka.”
Usho lokhu nje onogada abayisishiyagalombili baMashatile bahamba icala lokushaya abanye abantu ababehamba ngemoto eFourways eGoli.
Labo nogada babonakala kwividiyo bekhahlela kanzima abantu ababehamba ngePolo ngoJulayi.
Ebuzwa mayelana nalesi sehlakalo ePhalamende uMashatile, wathi ngeke akwazi ukwanda ngaso kakhulu njengoba kusaqhubeka icala enkantolo.
Kulo mhlangano kunxuswe ukuthi uma sekuvulwa iNdlu yabaHoli boMdabu ngonyaka ozayo, amakhosi kumele avunule.
“Akumele sigqoke amasudi nezinto eziwubukhazikhazi kodwa kumele kuvunulwe ngokwesintu sethu. Indlu izovulwa ngoFebhuwari 22, 2024.”
Amakhosi axoxe ngezinto eziningi ezithinta nombiko weStats SA, obuveza ukukhula kwesibalo sabantu kuleli.
UMnuz Ashwell Jenneker, oyiStatistical Operations and Provincial Coordination kwi-Stats SA, uveze ukuthi abantu sebengu-62 million kuleli, wathi bayashiya ezindaweni ezisemakhaya bafudukela emadolobheni.
Uveze ukuthi bafudukela eGauteng, besuka KwaZulu-Natal naseLimpopo, wathi abase-Eastern Cape bafudukela eWestern Cape.