OBEYIMEYA yeTheku uNkk Zandile Gumede, uthi ubengeke akwazi ukuphoxa amagatsha okuthiwa amcele ngobuningi bawo ukuba angenele umbango wesikhundla sikasihlalo we-ANC eThekwini. Isolezwe ngeSonto lihlale phansi noNkk Gumede emzini wakhe eNanda, eMaoti lapho echaze khona konke ngohambo lwakhe kwezepolitiki nangesikhathi eyimeya. Ukhishwe esikhundleni ngo-Agasti ngonyaka odlule emuva kokuba wayengene ngo-2016, i-ANC inqoba eThekwini.
Ngesikhathi esemzini wakhe ubebukeka ezipholele kusofa wakhe, ekhuluma ngesizotha, ekhumule ngisho izibuko ajwayele ukuzifaka echaza engajahe ndawo. Njengamanje uyikhansela elejwayelekile kumasipala.
Ingqungquthela ye-ANC eThekwini izohlala ngo-Ephreli 3 ize iphele ngomhlaka -5 kanti sekuqalile kuyaxoxwa ngamagama abazobanga izikhundla.
Igama likaNkk Gumede lingelinye lahamba phambili. bamfuna kwesikasihlalo, unobhala kube nguMnuz Musa Nciki obeyisikhulu kumasipala waseThekwini. Engxoxweni ekhethekile akakufihlanga ukuthi uyasivuma isicelo samagatsha sokungenela umbango.
“Ipolitiki injengohlanga lokuthakatha, ngisho umthakathi ebanjiwe uyaqhubeka nokuthakatha. Amagatsha akubeke kwacaca ukuthi awahlehli asakholelwa ekutheni ngingawahola kahle. Ezigcemeni eziwu-17, eziwu-12 seziqinisekisile namagatsha akhulumile, ikakhulukazi umbutho wamakhosikazi,’’ kuchaza uNkk Gumede.
Uthe ukuthole kunzima ukuphoxa abantu abaningi kangaka abakhombise ukumethemba, wabatshela ukuthi akulindwe isikhathi sokuphakanyiswa kwamagama kuhlonishwe inqubomgomo ye-ANC.
Ukugcizelele ukuthi yena akekho ngaphezu kwe-ANC, ungomunye wabantu abayizithunywa nje zikaKhongolose, akufanele abantu bakukhohlwe lokho.
Ayisalanga ngaphandle indaba yesikhathi sakhe eseyiMeya yeTheku njengoba echazile ukuthi akazisoli ngalutho futhi uzishaya isifuba ngomsebenzi awenzile.
Uthe into eyamfakela isigcwagcwa wukuthi wayengene ngomfutho wokushintsha umnotho uvune abantu abaningi abamnyama kanti useyinyathela emsileni.
“Leyo ndaba yokubeka abantu phambili emnothweni angiyisuselanga emoyeni kodwa umqulu we-ANC uthi abantu kufanele bahlomule bonke emnothweni wezwe. Ngesikhathi ngenza lokho kwaba sengiphazamisa isitsha okudla kusona abathile.’’
UKHIPHE ngisho izibuko uNkk Zandile Gumede ngesikhathi exoxisana neSolezwe ngeSonto ngokungenela umbango wesikhundla sobuholi eThekwini, esemzini wakhe eMaoti, eNanda
Ugcizelele nokuthi akabambele muntu igqubu ngokukhishwa kwakhe esikhundleni ngoba akekho umuntu onesikhundla azalwa naso kodwa ngeze-ANC esuke ibathumile. Uveze ukuthi uma kwenzeka ekhethwa uzoqhubeka lapho egcine khona nokusebenzela abantu ababeke eqhulwini kwezomnotho nempilo engcono.
Uthe akazisoli ngalokho futhi usamile ekutheni kufanele abantu ‘badle’ bonke hhayi abathile kuphela bese abavoti baphenduke izibukeli emnothweni wabo.
Ayisalanga ngaphandle indaba yecala elisenkantolo lapho esolwa ngokuphambukisa imali yethenda kaR 389 million yokuqoqwa kwemfucuza. “Njengoba ungibona ngizihlalele kanje anginankinga, yingoba ngiyazi ukuthi anginacala. Ngisasho namanje ukuthi ngelinye ilanga iqiniso liyovela ngayo yonke into eyenzekayo. Mina ngingumama womthandazo ozithobile futhi abantu abangaziyo nomakhelwane bangakutshela ngoba ngiphila nabo,’’ kuphetha uNkk Gumede.