ISIHLOKO sanamhlanje ngifisa sivumbule ukucabanga okujulile kuwona wonke umuntu owaziyo ukuthi udingani empilweni, uzimisele ngani futhi kangakanani.
Uma ufisa ukuphila okuwunqambothi, okungenazinhlungu, lapho ungabikwa hlaba khona, uphile kamnandi ngaphandle kokubamba olayini abade abaya emishanguzweni yokudambisa yasemtholampilo, udinga ukuthatha izinqumo ezibalulekile ezizokubeka endaweni ethe qekelele, kunalabo abasondele kuwena.
Ngikhuluma ngokuphila lapho isibazi, ukuklwebheka emzimbeni kuyobe kuvela ekuhlatshweni ngokuthile, hhayi ngoba uzovuka ekuseni usuvuvukele, usuklwebhekile kodwa kungekho okwaziyo obekukuhlasele.
Kunabantu bakithi abamilwa yimibhoshongo yamaxhwala emzimbeni ikakhulu esibelethweni nasebusweni, abazibuza beziphendula ukuthi izigaxa ngabe zivele kanjani?
Kuleli sonto ngiphinde ngahlangana neziguli ezimbili lapho esinye sinesifo sikashukela esesisihambisa ngenqola eyisihlalo ngoba imilenze nezinyawo kuvuvukele futhi kubuhlungu. Ngikhuluma ngomuntu ongasalali zinhlungu, izinyawo nemilenze kuvuvukele kucwebezela. Uma uzibuza uziphendula umbuzo othi yini esuke yenzeka? Kumuntu oyilandelayo le ngosi kumele impendulo kufikelekeke kalula kuyo.
Kuzokhumbuleka ukuthi sihlale sigcizelela ubushevu bukashukela, i-Glucose, saze sathi indlela ewushevu ngayo idlula ngisho umonakalo ovela otshwaleni uqobo. Ngiyaphinda ngithi umonakalo odalwa ushukela uwodwa emzimbeni udlula le kude umonakalo odalwa yisikali esilinganayo sotshwala kulowo mzimba.
Asidingi ukudla ushukela okanye ama-carbohydrates ukuze siphile, umzimba uyakwazi ukuzenzela ushukela uma uwudinga kodwa thina sidla ama-carbohydrates engathi izwe lizosongwa kusasa. Umzimba uyawubekezelela ushukela, ulokhu uwufaka ngaphakathi emagumbini, kwenzelwa ungagcwali egazini ngoba kuyazeka ukuthi uma uzogcwala ube ngamathantala egazini, okulandelayo izinhlungu nokugula.
Okuhlupha kakhulu ukuhluleka ukulawula ukuthi sidlani nangasiphi isikhathi. Ukudla izidlo ezinoshukela njalo kwenza igazi libe nesidada se-Glucose, bese izingoje eziyigcinayo zigcwale. Lokhu kwenza i-Glucose igcine isikapakela egazini, kunyuke namanani obungako bayo.
Akugcini ngokwanda kwale Glucose egazini nje kuphela, iGlucose ndini, igcina isigcwele kuwo wonke amagumbi omzimba. Lokhu kuletha ukugula okunhlobonhlobo okuhambisana nezinhlungu nokuvuvuka kwezinye izindawo. Izibonelo ezejwayelekile nje; ubuhlungu bamadolo, iqolo nomgogodla, ikhanda elingapheli, izinkinga zesikhumba, ukuvuvukala kwezinyawo nemilonzo, ubuhlungu bengemuva lamadolo.
Empeleni ubuhlungu emzimbeni bujikeleza kulo shukela esiwugcwalisa egazini ngokudla izitambu, i-rice, izinkwa, ama-cereal, amakhekhe, mayonesi, uphuthu, iphalishi, ama-chips amazambane, ukalakateni, ama-chips lana osiwe, ngeke sikwazi ukukuqeda.
Ngiyafisa siphinde sigcizelele ngezinye izibonelo, ngifisa muzi wakwethu, sibone ukuthi sigula nje kungexa yokudla esikudlayo. Sifa sibulawa ukudla nezinqwaba zamaphilisi esiwadlayo, bebe abantu bekhubazeka emizimbeni futhi bedlula emhlabeni.
Thatha nje ukukapakela kukashukela emehlweni; kudala i-cataract okuba yifu eligubazela amehlo. Kungadala nesifo sokuvuvukala kwebhola lehlo ligcine licindezele imithambo ehambisa igazi ngaphakathi, kudaleke isifo i-Glaucoma. Igama lalesi sifo liyazicacela, ngushukela omningi osuze wakapakela emehlweni.
Ukukapakela kukashukela emithanjeni esenhliziyweni kudala ukuvaleleka kokuhamba kwegazi ugcine usufakwe i-stent okuyipayipi, mhlawumbe kuthiwe sekuzokwenziwa i- bypass sekulekelelwa ukuhamba kwegazi.
Ukukapakela kukashukela ebuchosheni kuvuvukalisa leyo ngxenye yomthambo, lingabe lisageleza njengokulindeleka igazi. Ngaleyo ndlela usushaywe isifo sohlangothi esidume ngokuthi yi-stroke.
Uchungechunge lolu lulandelwa ukushukumbiswa kwamasosha omzimba, okusamanzi kuchichize sekuphumela komakhelwane, ingxenye ethintekayo ibe isiyavuvuka, sekuzodaleka ubuhlungu, ihluleke ukusebenza leyo ngxenye.
Zonke lezi zimo nezifo ziyelapheka. Ngiyazi kukhona abazibuza, bethi siwulapha kanjani ushukela?
Impendulo ithi masizibuze imbangela yokuba khona kwawo emzimbeni, emuva kwalokho kulula kakhulu. Imbangela yesifo sikashukela ukugcwalelana kwamafutha esibindini, kusinyaka nasobendeni.
La mafutha akhipha ophoyizeni abayisishiyagalombili abasabalala emzimbeni. Owethu umsebenzi uma sikulalisa izinsuku sisuke sikhuhla la mafutha asesibindi nakwezinye izindawo, sisebenzisa imijovo amaphilisi nama-drip. Omunye uzothi sazi kanjani ukuthi izinsuku kumele zibe yile nani?
Impendulo ayihlonizi, ithi inani lezinsuku esikulapha ngazo silithathe ocwaningweni olwenziwe eNyuvesi yaseCalifornia, Los Angeles, kuSolwazi Robert Lustig nethimba lakhe, kwaphinde kwanethimba elalandela eGeneral Hospital yakhona eCalifornia, kulona kwathatha amasonto amabili ukwenza ushintsho. Izinsuku lezi asizisuseli nje ekhanda! Okulandelayo ukukhombisa ogulayo ukuthi ukudla akudlayo kuyamgulisa, kumele ashintshe, yingakho isibindi sakhe sesigcwele amafutha, ngingashiyanga ngaphandle usinyaka nobende.
Ngiyafisa ukugcizelela kubasebenzi bezempilo ukulandela izinqwabanqwaba zocwaningo olwenziwe ezifweni ezahlukene, ukuze sikwazi ukusiza abantu bakithi. Akekho ongaboni ukuthi kwezempilo kuqhutshwa ibhizinisi elikhulu, kusetshenziswa ikakhulu imithi, imijovo nemishini. Esimweni esinjalo, akekho onendaba nokuthi imishanguzo oyisebenzisayo yenzani emzimbeni ngoba okubalulekile kubo imithi, isetshenziswe ukuze kuthengwe eminye. Ngicabanga ukuthi kusezandleni zikadokotela ikakhulu ukulandela ucwaningo oluyilo ukuze sisize abantu bakithi abagulayo abantule nolwazi.
Singodokototela asingabi yingxenye yabantu abadudulela abantu bakithi emhumeni wokusebenzisa imishanguzo esaziyo ukuthi icindezela isimo, ohaqekile agule kakhulu.
Ngicela ukwenza nasi isibonelo: Kunemishanguzo esetshenziselwa isifo sengqondo esisetshenziswa abaningi ezweni, nalapha eKZN. Leli philisi lenza izinto ezimbili;
Okokuqala; liya ebuchosheni liyocindezela ukugula ngokomqondo, hhawu sijabule sinconcoza ukuthi umuntu wethu usengcono...
Kanti asibuzanga elangeni, lisuka lapho liye emzimbeni wesiguli liyophehla ukugula lokhu obekulehlisile ebuchosheni. Bese ziyabuya futhi izimpawu zokugula. Udokotela ofundile aphinde athi hhayi uqambushilo wesifo, avele anyuse amaphilisi owasebenzisayo, kokunye angeze namanye, kuphinde kwenzeke sona leso emzimbeni.
Kwenzekani la? Odayisa amaphilisi imali iyangena kuye, ngaleyo ndlela, ujabula uyanconcoza ngoba amazwe ayathenga, thina asiboni ukuthi, “kuyapholiswa kuphinde kuphehlwe isifo”, liqhubeke ibhizinisi!
Isifo sikashukela siyelapheka siphele, isifo somqondo siyelapheka siphele!
Mpilonde!