ABADIDIYELI bamabutho bafuna uSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma, adliwe izinkomo eziwu-100 “ngokwehlisa” isithunzi uNdunankulu kaZulu, uMfu Thulasizwe Buthelezi.
Izinduna zamabutho zithe zifuna ukuthi uDuma axolisele ukugcwaneka phambi kweSilo uMisuzulu kaZwelithini noMengameli, uCyril Ramaphosa, ngesikhathi kunomcimbi wokukhumbula iSilo uDinuzulu kaCetshwayo.
UDuma, owayephethe uhlelo emcimbini, wayabula umbhobho kuButhelezi ngesikhathi ethula iSilo.
Umdidiyeli wamabutho kaZulu, uMnuz Sipho “Masefa” Mhlongo, uthe ukube kuya ngabo uDuma ubezodliwa izinkomo eziwu-100.
Lokhu ukusho esithangamini nabezindaba, ebesiseThekwini, izolo. UMhlongo uthe okwenzeka emcimbini kwathela ngehlazo iSilo noRamaphosa.
“Ukube sobe sikhona lapho besiyothi abadliwe izinkomo eziwu-100 laba abenze lokhu. Le nto eyenzeke lapha ayamukelekile. Kuyabonakala ukuthi usemkhulu umsebenzi okusamele siwenze njengabadidiyeli bamabutho. Siyethemba ukuthi uma benonembeza laba abenze lokhu, bazohamba beyoxolisa.”
UMhlongo uthe abezukumbekela uDuma umnqamulajuqu wokuthi kufanele axolise nini, kodwa wathi akufanele athathe isikhathi eside.
“Akufanele kuthathe isikhathi kuze kube sengathi kukhona abakuphushayo. Uma uwumholi kufanele uzibonele uma usephutheni. Asikho isikhathi esithi uDuma unqunyelwa sona, engaya nakusasa. Asifuni kuze kube isikhathi eside ngoba mhlawumbe izitha zingaze zigcine sezithi uhlaleleni isikhathi eside kangaka?”
Ebuzwa uMhlongo ukuthi kungani bengasho ukuthi noButhelezi akahlawuliswe, uthe ngokwabo akukho okubheke eceleni okwashiwo uButhelezi.
“Undunankulu uthe u(Nobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki) Mtolo wenzeni? Wathi esathi uMtolo, wahlwithwa umbhobho. Phela kwakufanele sizwe ukuthi uMtolo wenzeni, bese siyasho ukuthi undunankulu uyanhlanhlatha. Umqondisi wehlelo usuke enethuba lonke lokulungisa okungalungile. Wayengasukuma nje amfake kahle endleleni ngenhlonipho, noma amphendule uma eseqedile ukukhuluma.”
UMhlongo ukuchithile ukuthi amalungu e-ANC alimala emcimbini ahlaselwa ngamalungu e-IFP.
UMhlongo uthe abantu bahlaselwa yizigangi nje, uthe amabutho ayengasekho ngesikhathi kwenzeka isigameko.
Uthe bazokuya kovela kwabalimele, wathi bazophuma nomkhankaso wokuthola izigilamakhuba ezagqema abantu abangu-16.
UMhlongo uthe abayizwa kahle eyokuthi uhulumeni awumamukeli uNdunankulu kaZulu ngoba isikhundla asikho kuMthethosisekelo.
Uthe njengoba uNdunankulu kaZulu eqokwa iSilo, uyizwi leSilo. UMhlongo unxuse abaholi bezepolitiki ukuthi bangalwi izimpi zabo phambi kweSilo.
“Osopolitiki bafike baxabane emakhoneni, bese beyabuya-ke sebezolwa phambi kweSilo. Sibonga ukuthi uButhelezi wavele wazithulela ngesikhathi kwenzeka le nto ngoba kwakuzoqhuma iqupha.”
UMtolo umxolisele uDuma ngokuthi aqophisane noButhelezi phambi kweSilo noRamaphosa.
“Kufanele ubheke ukuthi isigangi usishaya kuphi, ungasishayi phambi kwabantu abadala.”
UMtolo uthe bafuna ukuthi uButhelezi akhuzwe, angafaki ipolitiki ezintweni zasendlunkulu.
Uthe amabutho kwakufanele asithathe iSilo, ahambe naso ngesikhathi uButhelezi efaka igama lakhe nele-ANC.