AMAQEMBU aphikisayo athe akukho okusha okuvele enkulumeni yokugcina kaMengameli Cyril Ramaphosa ngaphambi kokhetho lukazwelonke.
URamaphosa uthule inkulumo abeyibhekise esizweni ngoLwesine ebusuku eCity Hall eKapa.
Abaholi bamaqembu ahlukene bebevele beshilo ukuthi abalindele lutho olusha kule nkulumo.
Bathe uphinde iculo elilodwa aseke alisho phambilini.
Umholi we-DA, uMnuz John Steenhuisen, uthe lezi zethembiso baqala ukuzizwa ngo-2019.
Uthe bathenjiswa indaba yokulungiswa kwenkinga kagesi, ukulwa nobugebengu, inkinga yamanzi, ukufukula umnotho nezinye namanje ezingakafezeki.
“Kube yinkulumo ende engenalutho. Izethembiso kuphela umengameli abegxile kuzona, akukho okusha ngoba izinkinga zisaqhubeka. Besivele sishilo ukuthi asilindele lutho olusha kule nkulumo.”
Umfundisi Kenneth Meshoe, we-ACDP, ukhale ngokuthi abantu bayasaba ngenxa yobugebengu.
Uthe akazange aveze izinhlelo zokulwa nobugebengu kuleli.
UDkt Pieter Groenewald, umholi we-FF Plus, uthe ukhathazekile ngokuthi umengameli ulokhu ephinda phinda into eyodwa.
Uthe ulokhu ekhuluma ngamathuba emisebenzi, nezinye izinto azithembisayo kodwa akwenzeki nokukodwa.
“Usebenzise le nkulumo ukuzama ukukhankasa njengoba kuza ukhetho. Akukho okusha akuvezile nokuletha ithemba kule nkulumo.”
UMnuz Nqabayomzi Kwankwa, we-UDM, uhambe emazwini amanye amaqembu wathi wenze izethembiso njengaphambilini.
“Akukho okusha akushilo kule nkulumo uMengameli. I-ANC ilibuyisele emuva (izwe) futhi iyahluleka ukusikhipha kulolu bishi.”
UMnuz Vuyo Zungula, we-ATM, ugxeke uRamaphosa ngokudukisa abantu athi kukhona iziguli ezalimala ziya eralini ye-ANC eMpumalanga ezanqaba ukuthi ziye ezibhedlela ezizimele.
“Amanga lawo, akekho umuntu owayenganqaba ukuya kulezi zibhedlela ngoba kuyaziwa ukuthi izibhedlela zikahulumeni azikho ezingeni. Ucabanga ukuthi abantu bakuleli bayizilima.”
I-EFF idube inkulumo kaMengameli Cyril Ramaphosa, emuva kokuchithwa yinkantolo njengoba ibizama ukuthi izinkantolo zishintshe isinqumo sokumiswa kwabaholi bayo ePhalamende.
Izolo iNkantolo yaseWestern Cape, inqume ukungasishintshi isinqumo sePhalamende sokumiswa kwamalungu e-EFF ePhalamende inyanga eyodwa nokubanjelwa umholo wenyanga eyodwa. Lesi sigwebo siqale kule nyanga (1 Febhuwari).
Kwathathwa lesi sinqumo emuva kokuba amalungu e-EFF ephazamise inkulumo yesizwe kaMengameli Cyril Ramaphosa ngonyaka odlule.
Lokhu kusho ukuthi umholi we-EFF uMnuz Julius Malema, iPhini lakhe uMnuz Floyd Shivhambu, uNobhala Jikelele uMnuz Marshall Dlamini, uDkt Mbuyiseni Ndlozi, uMnuz Vuyani Pambo, uMnuz Sinawa Tambo namanye amalungu e-EFF awazange abonakale ePhalamende.
I-EFF ithe asikho isidingo sokuthamela inkulumo kaMengameli uma amalungu ayo, abanye abaholi baleli qembu bengavunyelwe ukuba yingxenye yale nkulumo.
“Inkantolo ithathe isinqumo esingahambisani nentando yabantu, esivimbela ukuthi amalungu ePhalamende aqinisekise ukuthi uRamaphosa wenza kahle. Ngenxa yalesi sizathu wonke amalungu e-EFF ePhalamende, ngeke abe yingxenye yenkulumo yesizwe. Kuyacaca ukuthi iyikhokhasi ye-ANC,” kusho i-EFF esitatimendeni.
Ithe uma amalungu ayo eya ePhalamende kuzobe kusho ukuthi ayahambisana nalesi sinqumo esingeyona intando yabantu, esiphambene noMthethosisekelo futhi esivimbela amalungu akhethwe ngabantu ukuba ayobamela ePhalamende. Ngeke siye kwikhokhasi ye-ANC esePhalamende ngoba phela le nkulumo isiphenduke ikhokhasi ye-ANC,” kuqhuba i-EFF.
Leli qembu lithe lizogxila entweni ebalulekile njengokulungiselela irali esenkundleni yemidlalo iMoses Mabhida eThekwini kusasa.
Kubantu abebekhona owayengumengameli we-ANC nezwe uMnuz Jacob Zuma ubengabonwa nangalukhalo, kukhona uMnuz Thabo Mbeki.
U-DJ Black Coffee ubekhona ezihlelweni efake into yokusiza intamo njengoba alimala engozini.