OSHIYE ekubeni yilungu lesiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnuz Zwakele Mncwango, uthi akukapheli ngaye kwezepolitiki.
UMncwango, osule esiShayametho izolo, uthembise ukuthi uzomemezela maduze mayelana nekusasa lakhe kwezepolitiki.UMncwango, oke wahola iDA KwaZulu-Natal amahlandla amabili, umemezele ukwesula kwakhe izolo ekuseni.
Ubengusotswebhu weDA esiShayamthetho, wesule emva kokuhlangana nobuholi benhlangano esifundazweni.
Yize esulile ekubeni yilungu lesiShayamthetho, uMncwango ubengakasuli ekubeni yilungu leDA. UMncwango usula nje, ubevele emataniswa namanye amaqembu ezepolitiki.
Kuke kwabikwa ukuthi weshelwa yi-ActionSA, okuthiwa ifuna ukumenza umholi wayo KwaZulu-Natal.
Ekhuluma neSolezwe emva kokumemezela ukwesula kwakhe, uMncwango ungene ezintangeni uma ebuzwa ngekusasa lakhe.
“Enye yezinto ezenze ngisule ekubeni yilungu lesiShayamthetho wukuthi ngidinga isikhathi sokuthi ngicabange. Ngidinga isikhathi sokuthi ngibheke ukuthi yini engifuna ukuyenza. Emva kokudla amathambo engqondo, ngizomemezela ngokusula kwami esiShayamthetho.”
UMncwango ungomunye wabaholi abamnyama abangene kwiDA ngesikhathi bengakabi baningi abaholi abamnyama kuyona. I-DA yakhombisa ukukhula ngaphansi kobuholi bakhe eKZN.
UMncwango ungene esiShayamthetho ngo-2018, esuka ekubeni wumholi wenguyazana yeDA kuMasipala waseThekwini.
Ngalowo nyaka wafike waba wumholi weDA esiShayamthetho, ngaphambi kokushintshelwa kwesikasotswebhu esiShayamthetho.
Uthe ukushiya kwakhe akusho ukuthi sekuphelile ngaye kwezepolitiki.
“IsiZulu sithi ukuhlehla kwenqama akusikho ukubaleka. Nami ngisekhona empini. Angikashiyi kwezepolitiki.”
UMncwango uthe akawashayi ndiva amahlebezi amyamanisa namanye amaqembu ezepolitiki.
“Kwipolitiki kuhlezi kukhona ukukhuluma. Abantu bakhuluma yonke into. Kukhona abathi ngiya kwi-ANC, abanye bathi ngiya kwi-IFP. Kukhona abathi ngiya kwi-ActionSA. Kuhlezi kukhulunywa kwipolitiki.”
UMncwango uthe akuzange kube lula ukuthi afinyelele esinqumeni sokusula esiShayamthetho.
“Ngangena kwipolitiki ngenhloso yokwenza ngcono impilo yabantu baKwaZuluNatal nasezweni lonke jikelele. Bengilokhu ngizibuza ukuthi isiShayamthetho siyindawo ekulungele yini ukuthi ngiqhubeke ngisebenzele abantu baKwaZulu-Natal.”
Umholi weDA eKZN, uMnuz Francois Rodger, ubonge ukuthi uMncwango akesulile ekubeni yilungu lenhlangano.
“Siyakwamukela ukwesula kwakhe ekubeni yilungu lesiShayamthetho. Sithanda ukubonga iqhaza alibambile esengumholi wenguyazana yeDA kuMasipala waseThekwini nalibambe ngesikhathi engumholi weDA esifundazweni. Simfisela inhlanhla.”