AKEKHO umuntu ofanele ngabe ungena endaweni yokulahla udoti eseBuffelsdraai, eVerulam.
Lokhu kushiwo yiMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, izolo kwabezindaba kulandela umhlangano ovalelekile abe nawo nobuholi bezinhlaka ezithintekayo.
Phakathi kwazo bekukhona izikhulu zikamasipala, ubuholi bomdabu bendawo, ikhansela lendawo, ubuholi bezisebenzi ezisebenza kule ndawo yokulahla udoti, ubuholi bonogada nabanye.
Lokhu kuza emva kokusuka komsindo ngeledlule, onogada bale ndawo besolwa ngokudubula babulale omunye wabebezoziqoqela udoti.
Kulesi sigameko kuthiwa kulimale nabanye okuthiwa baphuthunyiswe ezibhedlela.
UKaunda uthe akukho muntu okufanele angene kule ndawo yokulahla udoti ngaphandle kwabasebenzi.
“Imithetho iyakucacisa lokho ngoba izinto ezila zinobungozi. Ukudla okusuke kuzotshingwa la kusuke kubolile kunophoyizeni, into engabulala abantu,” kusho uKaunda.
Uthe yingalesi sizathu izindawo zokulahla udoti ziba sezindaweni eziqhelile emphakathini ukuze kube khona umngcele wokuthi kungabi bikho muntu oza kuzona.
Uthe bayaluqonda usizi abantu ababhekene nalo ngakwezomnotho kodwa wathi yizinto okufanele babhekane nazo eceleni.
“Yingakho kukhona o-R350 nezibonelelo zezingane. Siyazi ukuthi lokhu akwenele, kufanele ziqhubeke zandiswe. Izigameko ezinjengalezi zigcina zisibalekisela nabatshali zimali, abasondelayo ukuzogaya kabusha udoti, bazitshele ukuthi alukho uzinzo ngoba kuyaliwa,” kusho yena.
Uthe abafuni ukuvumelana nemibiko ethi kukhona abantu abagqitshiwe endaweni yokulahla udoti.
“Akube udaba oluphenywa amaphoyisa lolo ngoba abasebenzi bethu bathi akukho bantu abagqitshiwe laphaya,” kusho uKaunda.
Weluleke ngokuthi uma kukhona abantu abanezinsolo ezinjalo, abeze ngaphambili bazotshela amaphoyisa ukuze kube nobufakazi obuphathekayo.
“Uma kufika umndeni uzofakaza ukuthi ilungu lawo linyamalele, amaphoyisa enze uphenyo, kuzobe sekuthunyelwa abatakuli namaphoyisa bazobheka. Ngeke kunqatshwe ukuthi kuzobhekwa uma kukhona izinsolo ezifana nalezo,” kusho yena.
Uphethe ngelithi kulo mhlango abawubize emphakathini kusasa ngo-9 ekuseni ezinkundleni zemidlalo eBuffelsdraai, bazoxoxisana nomphakathi, basho umyalezo wabo ogcwele emphakathini.
Isolezwe lithole ukuthi kulo mhlangano ovalelekile abasebenzi bakamasipala abasebenza kule ndawo bacele ukuvikelwa, bathi ngendlela okugcwala ngayo ngaphakathi endaweni yokulahla udoti bazizwa bengavikelekile.
Kubuye kwavela nokuthi kwesinye isikhathi isibalo sabantu abasuke bezoqoqa udoti siba phakathi kuka-200 no-600 okwenza kube nzima ukuqhubeka nomsebenzi abalindeleke ukuthi bawenze.
Induna yendawo, uMnuz Maco Msomi, ithe banalo ithemba lokuthi uma kubizwa zonke izinhlaka ezithintekayo emhlanganweni, kuzodingidwa udaba, zizophuma izixazululo. Owesifazane okwakubikwe ukuthi udukile kuvele ukuthi watholakala njengoba afika ekhaya ngoLwesihlanu ntambama.