I-TRANSNET ithi akekho umsebenzi ozoxoshwa njengoba isithole inkampani yasePhilippines ezosebenzisana nayo ukulayisha nokuthutha amakhonteyna emikhunjini engena echwebeni laseThekwini.
Isikhulu esiphezulu saseTransnet Port Terminals, uMnuz Jabu Mdaki, sitshele Isolezwe ukuthi uhlelo lwabo lokusebenzisana ne-International Container Terminal Services yasePhilippines, alusho ukuthi kukhona abazolahlekelwa wumsebenzi.
Uthe abasebenzi baseTransnet bazoqhubeka nokusebenza futhi bathole imihlomulo yabo abayaziyo.
“Sakhipha isikhangiso simema izinkampani ezizimele ukuba zizosebenzisana nathi ukubhekelela umsebenzi wasePier 2. Sigcine sesikhetha inkampani yasePhilippines, i-International Container Terminal Services, ngenxa yolwazi lwayo olunzulu nobuchwepheshe enabo.
“Izoshintsha indlela yokusebenza ukuze kusheshe ukulayishwa kwamakhonteyna. Akekho umsebenzi ozodilizwa ngoba abasebenzi abakhona njengamanje bazoya kule nkampani futhi bathole nemihlomulo yabo abanayo njengamanje,” kuchaza uMdaki.
Uveze ukuthi abasebenzi bazohlomula ngolwazi olusha futhi lokhu kuzoletha ushintsho oluhle kwichweba laseThekwini.
Uthe njengamanje basebenza ngamakhonteyna awu-50 ngehora kanti uma sekukhona inkampani entsha bazokwazi ukusebenza amakhonteyna awu-80 ngehora.
Lokhu kusho ukuthi izinga lomsebenzi lizothuthuka, kwehle izindleko zokwenza ibhizinisi kuleli, kungene nemikhumbi eminingi njengoba okwamanje ikhala ngezindleko zokwenza ibhizinisi kuleli.
Ebuzwa ukuthi ngabe bayaxoxa yini nezinyunyana ezingahambisani nalolu hlelo, uMdaki uthe bazoqhubeka nokuxoxa nezinyunyana yize isimo sithanda ukuba nzinyana.
UMnuz Anele Kiet oyiPhini likaNobhala Jikelele we-South African Transport and Allied Workers Union (Satawu), uthe abahambisani nalolu hlelo ngoba njalo uma kulethwa inkampani entsha abasebenzi balahlekelwa wumsebenzi.
“Sizwile nje izikhulu zaseTransnet zithi akekho ozophelelwa wumsebenzi ngenxa yokuthi sekunenkampani entsha kodwa sinesipiliyoni sokuthi imisebenzi iyaphela uma kungena inkampani entsha. Lokhu kwenzekile eSouth African Airways (SAA) ngakho asifuni ukubona kwenzeka eTransnet. Sizolwa nalolu hlelo,” kusho uKiet.
Uthe okubacikayo wukuthi iTransnet ilethe inkampani entsha izingxoxo nezinyunyana zingakaphothulwa ngakho ngeke basonge izandla kodwa bazokwenza isiqiniseko sokuthi baya enkantolo ukuze bakwazi ukuthola izimpendulo eziqondile odabeni lokuvikeleka kwemisebenzi.
ISatawu ne-National Transport Union (Untu) yizona zinyunyana esezizwakalise kwabezindaba ukuthi azihambisani nalolu hlelo.