YIZE sekunabantu abangaphezu kuka-200 000 asebesayinele ukuba uMengameli weZwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, akhombe indlela uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli, uMnuz Bheki Cele, kodwa ngokukaMnuz Ramaphosa akudikizi ngisho inqulu.
URamaphosa ubevele ePhalamende lapho etshele khona amalungu alo ukuthi uyameseka uCele nakuba udlondlobala umkhankaso weqeqebana elizibiza nge-Action Society ezinkundleni zokuxhumana othi ijazi mligcwale umoya kuNdosi.
Kuhluleke ngisho umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, ebuza uRamaphosa ukuthi usabethemba yini ubuholi bukaCele noKhomishana wamaPhoyisa kuleli, uGeneral Fannie Masemola, kodwa uRamaphosa wathi ubuthemba kakhulu.
"Ngineqholo lokuthi ungqongqoshe noMasemola bakufanele ukuhola umkhankaso wokwakha iNingizimu Afrika lapho wonke umuntu ezozizwa ephephile," kusho uRamaphosa.
Uthe ukubhoka kobugebengu kudalwa wukungalingani kwabantu nayiCovid-19.Umholi weDA, uMnuz John Steenhuisen, uze wavukwa wumunyu esekhuluma ngetshitshi laseMossel Bay, uJamie-Lee Julius (16), elidlwenguliwe maqede labulawa ngokuklinywa.
"Bangaki oJamie-Lee okufanele badlwengulwe futhi babulawe zonke izinsuku ukuze ukhiphe lo ngqongqoshe wakho wamaphoyisa ongenangqondo? kubuza uSteenhuisen.
URamaphosa usole uSteenhuisen ngokuphendula ukufa kwentombazane umdlalo wepolitiki.
Uthe uCele usekwenze konke ukunqanda ukudlondlobala kobugebengu kuleli futhi usanda kwandisa isibalo samaphoyisa ngawu-10 000 kanti udaba, lokugixabezwa kwamaphoyisa ngoR400, okuyisibonelelo sobungozi, lusadingidwa nezinyunyana.