UMENGAMELI Cyril Ramaphosa udalula ukuthi ababambile umoya noma abakhathazekile ngokuthi kukhona okungase kwenzeke njengoba kuzoba nokhetho kuleli.
Lokhu kushiwo omkhulumelayo uMnuz Vincent Magwenya izolo, ubekhuluma nezintatheli ezindlini zoMbuso ePitoli, ngezinhlelo zikaRamaphosa emasontweni azayo.
UMangwenya uthe njengoba kuzovotwa ngoMeyi 29, akukho ukwesaba.
“Akukho ukwesaba uMengameli anakho ukuthi kungase kube khona izinto ezimbi ezizokwenzeka ezweni. Ulindele ukuthi ukhetho luhambe kahle, lube nokuthula futhi lube ngolukhululekile,”kuchaza uMagwenya.
Usho lokhu nje esithangamini sabezindaba songqongqoshe bezokuphepha ezweni abebekhuluma ngamalungiselelo okhetho, uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele, uveze ukuthi balinde isinqumo sophiko lwezokuShushisa, mayelana nokubeka amacala owesilisa owasabisa ngodlame okhethweni.
UCele uthe babili abalisa baKwaZulu-Natal, abasabisa ngodlame, oyedwa waboshwa wavela enkantolo ngecala lokusabisa. Wathi omunye balinde iNPA inqume ukuthi uvela nini enkantolo ngecala elifanayo.
“Asidlali uma sithi laba abasabisa ngodlame okhethweni sizobhekana nabo, bashushiswe. Kumanje ukhona oyedwa ovele enkantolo silinde omunye ukuthi avele ngecala elifanayo,” kuchaza uCele.
Noma engambizanga ngegama umlisa oyedwa osevelile ngecala lokusabisa ngodlame okhethweni kodwa uMnuz Visvin Reddy weqembu Umkhonto weSizwe KwaZulu-Natal, uvele enkantolo ekuqaleni kwenyanga ngecala lokusabisa ngodlame.
UReddy wathi kuzoba nodlame uma izinkantolo zivimbela iqembu ukuthi lingenele ukhetho. Wakusho lokhu ngesikhathi kwakulindelwe isinqumo senkantolo mayelana nokuthi owayengumengameli we-ANC nezwe uMnuz Jacob Zuma, uzongenela ukhetho ngaphansi kweMK.
UMnuz Bonginkosi Khanyile owasuswa kwesokuba ngumholi wesikhashana wophiko lwentsha lweMK, ngomunye wabaholi abasabisa ngodlame okhethweni. Wasabisa ngokufanayo ukuthi uma uZuma engangeni okhethweni, ngeke lube khona ukhetho kuleli.
Amaqembu ezombusazwe axwayisa amalungu awo ngesikhathi esayina izibopho zokuthi azoqinisekisa ukuthi kuba nokuthula ngesikhathi sokhetho. Amaqembu ehlukene athi labo abazosabisa ngodlame, bazothathelwa izinyathelo noma abakhombe indlela.
Umkhandlu wongqongqoshe bezokuphepha uxwayise ngokuthi bazogwetshwa kanzima abazosabisa noma abazophazamisa ukhetho.