KWEHLE izinyembezi zenjabulo ilungu lesitokofela liwina imoto emncintiswaneni obuhlelwe yisitolo, iTradeport Business and Distribution Network.
UNksz Vamisile Nxumalo (36), waseMbongolwane, eShowe, kodwa ohlala ehostela KwaMashu, uwine unyanyavu lweSuzuki kulesi sitolo adlala kuso isitokofela neqembu lakhe, iThuthukani Club.
“Ngijabule ngendlela engachazeki. Kube wusuku olunomlando engingasoze ngawukhohlwa. Ngakhetha nje ukhiye ebhokisini. Inhlanhla kwaba eyami. Ngathatha ukhiye ngingazi ukuthi yiwona wona ngoba babefana,” kusho uNksz Nxumalo.
Uthe isitokofela sabo sesineminyaka engu-10 basisungula. Uthe nyakenye besinamalungu angu-63 kanti nonyaka sinamalungu angu-87.
Uveze ukuthi usebenza ngaphansi kophiko lwe-EPWP, wathi yize kugcwele abesifazane esitokofeleni sabo kodwa nabesilisa bakhona.
Osingethe ezokuxhumana eTradeport Business and Distribution Network, uMnuz Wiseman Shazi, uthe sekuyiminyaka beba nezinto ezithile abazipha amakhasimende abo njalo ekupheleni konyaka.
Uthe eminyakeni edlule bekuvame ukuthi baphisane ngezimpahla zikagesi ezifana namathelevishini, imishini yokuwasha nokunye.
“Bekuqala kulokhu ukuthi sinikezele ngemoto ngoxhaso lakwaTiger Brands, okuyinkampani ekhiqiza ezinye zezimpahla esizidayisayo,” kusho uShazi.
Uthe yize bekungokokuqala beklomelisa elinye lamakhasimende abo ngemoto kodwa banethemba lokuthi kuyinto ezoqhubeka njengoba abakwaTiger Brands bethembise ukuthi ngeke besayeka ukuxhasa umklomelo wemoto.
Echaza ngokungenelwa komklomelo, uthe wonke amalungu ezitokofela ezithenga esitolo sabo anikwa ithuba elifanayo lokungenela umncintiswano ekuqaleni konyaka odlule.
Ethe izigaba zomklomelo zihambe zaze zafika lapho kunikezwe khona abantu abangu-20 izikhiye zemoto.
“Leso bese kuyisigaba sokugcina njengoba kulezo zikhiye besisinye kuphela ebesizokwazi ukuvula imoto bese kuthi osiphethe, ekhala amuke nayo,” kusho uShazi.
Uveze ukuthi nyakenye bebenezitokofela ezilinganiselwa ku-450.
“Sinobudlelwane obuqinile namalungu ezitokofela ezithenga kithina. Siyakholelwa ukuthi nemincintiswano efana nale yiyo eyenza ubudlelwane bethu buhlale bubuhle,” usho kanje.