AHLALELE ovalweni amakhansela kaMasipala waKwaNongoma kulandela ukubulawa ngesihluku kwelungu lesigungu esiphezulu kulo mkhandlu, uNkk Ntombenhle Mchunu (75), odutshulwe wabulawa izolo, ekuseni.
UNkk Mchunu, obephinde abe usihlalo wophiko lwabesifazane kwi-NFP KwaNongoma, ungenelwe abantu elele, bafike bamdubula.
Kulesi sigameko kulimale nengane encane ebisendlini, kubikwa ukuthi isesmeni esibucayi esibhedlela.
Ukubulawa kukaNkk Mchunu kuza emva kokuhlaselwa izikhawu ezintathu kwelinye ikhansela leNFP kulo masipala, uNkk Nonhlanhla Zungu.
Lezi zigameko zenzeke emva kokusabalala kwenkulumo eqoshiwe lapho kuzwakala khona umuntu othi ubuholi bobumbano lwe-NFP ne-ANC ngeke buhlale isikhathi eside kulo mkhandlu.
Ubumbano lwe-NFP ne-ANC luqale emva kokukhishwa kobuholi be-IFP obukhishwe emva komdonsiswano wasezinkantolo.
Enkulumeni eqoshiwe kuzwakala umuntu ethi i-IFP izobuyela ekuphatheni lo mkhandlu.
USomlomo womkhandlu, uNkk Babongile Sithole, oyikhansela le-ANC, uthe kusobala ukuthi kukhona abaphume umkhanskaso wokusoconga amakhansela eNFP.
I-NFP ayikwazi ukufaka elinye ikhansela uma kukhona elishonile njengoba i-Independent Electoral Commision of South Africa ithi akucaci ukuthi ibuphi ubuholi beNFP obusemthethweni ngenxa yomdonsiswano wokuhola oqhubekayo.
“Siphatheke kabi ngokuhanjelwa ikhansela. Kuyasikhathaza ukuthi kube khona abantu abanesibindi esingaka sokubulala umuntu omdala kangaka. Siyazibuza nje ukuthi ngempela bebemazi ngani ukuthi ulala kuphi. Engingakusho ukuthi besivele sikulindele lokhu ngoba bezikhona izinsongo.
“Kunenkulumo eqoshiwe eyathi ngeke siwuphathe isikhathi eside umkhandlu. Kusobala ukuthi baphume iqhubu namakhansela eNFP ngoba iNFP ayikwazi ukufaka elinye ikhansela uma kukhona elishonile. Wonke umuntu uthukile ngoba kukhombisa ukuthi kunohlu lwabantu abazobulawa. Sonke siyazibuza ukuthi ngabe ubani olandelayo.”
USotswebhu weNFP esifundeni iZululand, uMnuz Siphamandla Ntombela, uthe udaba lokuphepha kwamakhansela aleli qembu lushaywa indiva, wakhala ngokungaphenywa kwenkulumo eqoshiwe eyasabalala ezinkundleni zokuxhumana.
“Njalo uma ngivula umlomo emihlanganweni yomkhandlu ngisuke ngikhala ngokuphepha kwamakhansela. Sinxusa amaphoyisa ukuba abophe abenzi bobubi khona kuzokwehla itwetwe emakhanseleni eNFP. Sinxusa uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu ukuba ungenelele.”
Unobhala jikelele weNFP, uMnuz Canaan Mdletshe, unxuse uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, ukuba ajube ithimba lamaphoyisa ayisipesheli ukuba azophenya izigameko zokubulawa kwamakhansela KwaNongoma.
“Ngeke sivume ukuthi uNongoma uphathwe izigebengu nezinkabi. Amaphoyisa kufanele athathe izinyathelo ezinqala.”
Unobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Mtolo, usigxekile lesi sigameko, wanxusa amaphoyisa ukuba asheshise uphenyo.
Okhulumela i-IFP, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, uthe bafuna kuphenywe kabanzi ngenkulumo esabalele, wathi kungenzeka ukuthi yenziwe abantu abafuna ukucekela phansi igama le-IFP.
Uthe ukuqagela ngale nkulumo eqoshiwe kungaphazamisa uphenyo.
“Abantu abasiphoxayo lana amaphoyisa. Ukwehluleka kwamaphoyisa ukubopha abantu abathintekayo kwenza ukuthi ziqhubeke lezi zigameko.”
Ukugxekile ukubulawa kukaNkk Mchunu.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, uBrigadier Athlenda Mathe, uthe icala lokubulawa kukaNkk Mchunu liphenywa ithimba eliphenya izigameko zokubulawa kosopolitiki.
“Amaphoyisa azosebenzisa zonke izinsiza ukulandela abathinteka kulesi sigameko. Kuphenywa icala lokubulala nelokuzama ukubulala. Sinxusa abangaba nolwazi ukuba bashayele inombolo yokulwa nobugebengu ethi- 0860010111, amagama abo ngeke adalulwe.”