IPHENDUKE inkundla yokukwabelana ngemibono okukhulisa ibhizinisi labangcwabi iGala Dinner yeFuneral Directors Asocciation of South Africa ebisehhotela iCoastlands eMhlanga ngeSonto ebusuku.
I-Gala Dinner ibihanjelwe owayenguNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke uDkt Zweli Mkhize neSekela lkaNgqongqoshe kuwo lo mnyango kuzwelonke uDkt Sibongiseni Dhlomo.
UDhlomo utshele amalungu ale nhlangano ukuthi adinga ukubuyela emumva, ayocabangisisa kahle ukuthi azoqala nini ukuthi abe yingxenye yalabo abatshala amahlathi ukuze aqale ukuzakhela awawo amabhokisi omngcwabo.
“Niqala nini ukuthi ningene emkhakheni walabo abatshala izimbali lezi ezisetshenziswayo uma kunemingcwabo,” kubuza uDhlomo.
Uphinde wabanika umqondo wokuthi bakucabange ukuthi baphinde banikezele usizo lokwelashwa ngokomqondo kulawo makhasimende abo asuke ehanjelwe amalungu emindeni yawo ngezindlela ezahlukene ezihlasimulisa umzimba.
Ube esenxusa ukuthi kube khona ukusebenzisana okuhle phakathi kwabangcwabi noMnyango wezeMpilo uma kuza odabeni lokuhlinzwa kwezidumbu ngoba lokhu kuwuhlelo olubalulekile, ikakhulukazi kulabo abafe ezinhlekeleleni.
“Lokhu ngibala nenkonzo yokubekezela ezintweni ezifana nokuthi kulabo abakhonza ngaphansi kwenkonzo yamaSulumane, uhlelo lokuhlinzwa kwezabo izidumbu, kuhanjiswa phambili ngoba inkolo yabo ithi umuntu uma eshone namuhla, kufanele angcwatshwe kusasa,” kusho uDhlomo.
UMkhize unanele emazwini kaDhlomo, ethi abangcwabi kufanele bacabange ngisho nokuthi bangakwazi ukuzisungulela izinkampani zabo zemishwalense yokungcwaba.
“Nidinga ukuzibuza ukuthi ubani owakha zonke lezi zindwangu enizisebenzisayo uma niphethe uhlelo lomngcwabo,” kubuza uMkhize.
Uthe abangcwabi badinga ukusebenzisa zona izinhlangano abakuzo ukunweba uhlu lwezidingo abazihambisa emakhasimendeni abo.
Umqondisi omkhulu we-African Rainbow Minerals, uMnuz Mangisi Gule, uthe: “Njengoba ningamalungu ale nhlangano, nginiphosela inselelo yokuthi nihlangane nisungule ikolishi elizofundisa ngokuphathwa kwalo msebenzi eniwenzayo. Ningagcini lapho nakhe ama-mall ngokuhlanganyela, ningene ebhizinisini lokuqashisa ngezindlu. Ninawo amandla okwenza konke lokho.”
USihlalo weFuneral Federation of South Africa (FFSA), uMnuz John Storom enanela kula mazwi uthe: “Sinxusa ukuthi kusasa (esho namuhla) uma abanye benu ebebezitshela ukuthi bazophumelela uma kuqokwa ubuholi begcina bengaphumeleli, bangaphumi bayosungula ezinye iznhlangano. Ake nifunde ukungahlale nifuna ukuhola kodwa nivume ukuthi niholwe.”
Namuhla kulindeleke ukuthi le nhlangano enamalungu abalelwa ku-6000, ikhethe ubuholi bayo obusha.