BALAHLWE elakubo abalisa ababili abangabokufika eNingizimu Afrika ababoshwe nenqwaba yamabhokisi kagwayi owumbombayi ongabiza ngaphezu kuka-R7 million.
Abasolwa abaneminyaka engu-32 nengu-29 baboshwe uphiko lwamaphoyiya eK9 eWelkom, eFree State.
Kuthiwa amaphoyisa alunywe indlebe ngabantu abebekade besabalalisa ugwayi womgunyathi behamba ngemoto iToyota Camry emhlophe.
Okhulumela amaphoyisa aseFree State, uCaptain Loraine Earle, uthe bathole nokuthi lo gwayi ubukade ugcinwe ezindaweni ezahlukene eCedar Park Centre.
“Amaphoyisa abe epequlula avundulula amabhokisi angu-787 kagwayi owumbombayi angabiza ngaphezu kuka-R7 million. Kutholakale neDVR hard drive nepheshana lempahla ethunyelwayo okushaqwe amaphoyisa,” kusho uCapt Earle.
Uthe abasolwa kulindeleke ukuthi bavele enkantolo maduzane.
Kwesinye isigameko amaphoyisa abophe umlisa waseRuyterwacht, eCape Town, oneminyaka engu-35 wabekwa icala lokudayisa izidakamizwa.
Kuthiwa lo wesilisa itholakale namaphilisi i-Mandrax angu-87 058, i-Cocaine, ne-Crystal meth. Konke lokhu amaphoyisa athe kungabiza u-R5 million.