SINIKWE izinsuku eziwu-14 ukuba sibiye kahle ucingo lwaso isiqiwi esizimele KwaZulu-Natal, iMawana Game Reserve.
IMawana yakhelene nemiphakathi yaseHlonyane, Mkholo, Nhlazatshe neMkholokotho Olundi.
AbezeMvelo KZN Wildlife bathe lesi siqiwi yisona okweqa kuso izindlovu eziwuvanzi Olundi bese zilimaza umphakathi.
UMnuz Musa Mntambo obhekelele ezokuxhumana kwezeMvelo KZN Wildlife, uthe imiphakathi eyakhele iMawana ibilokhu ikhala ngezindlovu eziwuhlalise lubhojozi ezeqa eMawana.
NgoMashi 22 enye yalezi zindlovu yalimaza kanzima indoda eyayiluse izinkomo zayo, yasindiswa wukuzenza sengathi ifile ukuze indlovu iyiyeke.
Usizo yaze yaluthola ngakusasa sekufika omunye umelusi endaweni efanayo.
UMntambo uthe emuva kwalesi sigameko, Ezemvelo zithathe isinqumo sokuyalela iMawana ukuba ibiye isiqiwi kungakapheli izinsuku eziwu-14.
Esitatimendeni esithunyelwe kwabezindaba uMnuz Joe Phadima oyiNhloko yeScientific Services kwezeMvelo KZN Wildlife, uthe uma abaseMawana behluleka wukubiya nokulandela eminye imithetho yokongiwa kwemvelo, bazothathelwa izinyathelo zomthetho kubuye kubulawe izindlovu eziwuhlupho.
Uveze ukuthi miningi imizamo asebeyizamile yokulekelela abaseMawana ukuba baphathe kahle isiqiwi sabo kodwa ngebhadi ayitheli izithelo ezinhle njengoba umndeni ophethe lesi siqiwi unombango wefa oqhubeka ezinkantolo.
Kulezi zinsuku eziwu-14 ezibekiwe abazeMvelo KZN Wildlife bazofundisa umphakathi ukuthi uzivikele kanjani uma uhlangana nezindlovu kanti usuthinte nabezinhlangano ezizimele ukuba basondele nezinye izisombululo.
Uthe kube nomhlangano nabaseMawana, umphakathi nabasezemvelo ngalolu daba. Umphakathi ufuna zisuswe izindlovu kule ndawo njengoba abaseMawana belokhu bekhala ngokuthi abanamali yokuzisusa.
Isolezwe lithole ukuthi iMawana Game Reserve yasungulwa nguMnuz Cornelius van der Walt ngo-2003. Ushone ngo-2017 waseshiya lesi siqiwi ezinganeni zakhe.
Ngo-2017 umkhwenyana wakwa-Van der Walt uMnuz Beyers Coetzee obebhekelele ukusebenza kwalesi siqiwi nomkhakhe uNkk Una uye wabulawa yizo izindlovu ezazeqe esiqiwini ngesikhathi ezama ukuzibuyisela emuva.
Ngonyaka odlule kuye kwabulawa izilwane eziwu-900 zasendle eMawana ngoba omunye wezingane zakhona efuna ukwenza imali yokuqhuba umsebenzi wokulungisa lesi siqiwi, kodwa wamiswa izingane zakubo ezaya enkantolo.