BAKHALA ngomphathi wesifazane obapotozayo aphinde abacele ucansi abesilisa abasebenzela inkontileka ezinze, eWyebank, ngasePinetown entshonalanga yeTheku.
Laba besilisa basola uNksz Vuyelwa Mbotho, ngokubaheha ngocansi ngezindlela ezahlukene. Omunye wabantu abathi banqaba baphetha lo wesifazane emfuna ucansi, uMnuz Joseph Mshushusi (44) othi uphenduke isitha kulo mphathi ngemuva kwalokho. “Ngiqale ukusebenza nyakenye sifaka amapayipi amanzi. Lo sisi ukusebenzisa kanzima afune ukulala nawe. Uma uke wanqaba afune ukukuxoshisa emsebenzini. Ngenyanga edlule sahola imali engaphelele sakhononda kuye. Sayithola, sithe sesibuya sizosebenza wasitshela ukuthi sewuphelile umsebenzi sekuqashwe abantu abasha. Siyabona ukuthi ukhethe thina sodwa. Yingakho sifuna usizo ngoba uzoqhubeka nokwenza ukukhohlakala."
UMshushisi uthi yena nabanye ozakwabo abathathu athole ukuthi bahlukunyezwa nabo, bagcine bexoshiwe kodwa kungacaci ukuthi yini isizathu.
UMnuz Sanele Mkhize naye okhala ngezinsolo ezifanayo ngoNksz Mbotho uveze ukuthi kusukela ngoFebhuwari ubelokhu emdlalisa ngezinto eziphathelene nocansi ambuze nokuthi akafisi yini ukuzitika ngaye. “Wangithumelela umqhafazo ekhuluma ngezothando ngamziba. Ubelokhu eyenza le nto ngingamnaki, wathi esuka wathi angimboni yini ukuthi upakishe kanjani. Ubesehlala ethi iqolo lisanyakaza amakhehla ayavilapha. Ubesehlala engihlupha ethi angimnaki. Ngelinye ilanga wangithumelela uWhatsApp ngamziba, ngathi ngifika emsebenzi wayesengidinelwe engithethisa ebuza ukuthi angimphendulanga ngani."
UNksz Mbotho evakashelwe yileli phephandaba uzihlangulile kulezi zinsolo.
Uthe yena unendoda yakhe futhi akekho umuntu amhalelayo kulaba abamsola ngalokhu. “Banikezwa isaziso ngomhla ka-5 ngokuphela komsebenzi. Nginendoda nabantwana abawu-5 nabazukulu. Ngizwile ngoLwesithathu ukuthi uMshushisi uhamba engihlambalaza,” kusho uNksz Mbotho ophazanyiswe umnikazi wenkampani esaqhubeka nokuchaza.
Lo mphathi wakhe umyalele ukuthi angakhulumi naleli phephandaba wasabisa nangokuthi uzokwenza konke okusemandleni ukuvala lolu daba.
UMnuz Khumbuzile Fola naye ukhala ezimathonsi njengoba etshele leli phephandaba ukuthi wagcina emlingile waze walala naye. “Ngezwa sengibizwa omakhelwane bethi ungilinde endlini. Ngangifelwe yi-globe kagesi wangipha uR100 wathi angiyithenge, ngathi ngisagibela ebhakedeni wangenzela imikhuba wangibamba sagcina silala ngaleyo ndlela. Emuva kwalokho ubesehlala efuna ngenkani efuna nokuza endlini yami. Ugcine esethi angixoshise abantu emsebenzini, nganqaba ngaze ngagula. Ngaxoshwa ngisahamba icala naye angicindezela kulo ekubeni zikhona izincwadi zodokotela."
Uthi kwase kucacile ukuthi lo wesifazane usedinwe wukungaqhubeki kokuncinzana kwabo ngocansi.
Leli phephandaba liphinde lathola ukuthi laba balisa sebeyasongelwa ngokuphumela obala kwabo.
Bathi yize bazi ukuthi lo wesifazane bangamvulela icala ngokubahlukumeza ngokocansi, kodwa njengamadoda ngeke basukunyelwe futhi bazohlekwa ngalokhu.