UGQUGQUZELE abesifazane ukuthi basukume bazethembe ngoba banamandla uPastor Lungi M obesiyikhulumi esiqavile emcimbini wokubungaza abesifazane obuku-ward-4 eThalaneni, eNkandla, ngoMsombuluko.
Bekuphume nesinedolo kulo mcimbi obekunandisa kuwo umculi wowokholo uFikile Mlomo futhi uhanjelwe inkosi yesizwe sakwaKhanyile, uNdlunkulu uSnqobile Khanyile.
Obekuseqhulwini kulo mcimbi obuhlelwe uMasipala waseNkandla bekuwukuqhakambisa ukubaluleka komuntu wesifazane njengoba isiqubulo somcimbi besithi; Zethembe Ungowesifazane Onamandla.
“Uma ungumuntu wesifazane kumele wazi ukuthi uwubani, ngoba uma ungazazi wena, uzovumela abantu bakuchaze ukuthi ungubani. Inkinga uma abantu bekuchaza ukuthi ungubani, lokho akulona iqiniso ngoba awudalwanga yibona. Uma uzotshelwa umphakathi, uzothola izinto ezingelona iqiniso ngawe futhi uma uzotshelwa umndeni oganele kuwo, bazokuqamba igama elithi ungumakoti, bese beyakuchazela ngoba wena awuzazi ukuthi kusho ukuthini ukuthi ungumakoti,” kusho uLungi M.
Uthe umuntu wesifazane ungumkhiqizo owadalwa uNkulunkulu.
“Umuntu wesifazane kunencwadi ebizwa ngeBhayibheli ewumqondo kaNkulunkulu, owamdalayo. UNkulunkulu wasinika amandla ukuze izinto ezenziwa owesifazane zilunge. Yingakho uma izinkinga zikuhlasele, uzibone uvuka, uvuswa amandla kaNkulunkulu avalelwe kumuntu wesifazane,” usho kanje.
Iphini leMeya yaseNkanda, uNkk Nonhlanhla Nzuza, likhuluma nabezindaba, lithe obengekho kulo mcimbi uphuthelwe.
“Sidle ngokwendlebe nangokomoya okwenza ukuthi sakheke ngoba sinezinto eziningi esizithwele emahlombe singabantu besifazane.
“Imizi kumele yakhiwe, izingane zikhuliswe ngendlela noma ngabe kunzima kangakanani ngoba sitholile ukuthi umuntu wesifazane uphiwe amandla okuthi noma izinto zilukhuni kodwa abhekane nazo. Lo mcimbi wembule okunye kwabebezitshela ukuthi size emcimbini nje kodwa kuvele kwashintsha kwaba yinkonzo emnandi ngoba thina singomama abakholwayo,” usho kanje.
Khonamanjalo uNksz Buyenzeni Sikhakhane oyisakhamuzi ebesihambele umcimbi uthe bayabonga ngokwenzekile kodwa bacela umasipala ubakhele ihholo lomphakathi eMbizo, eKukhanyeni.
“Sihlangana phansi kwesihlahla futhi sicela nomasipala usisize ngokuqeqesha intsha ngamakhono endaweni,” kusho uNksz Sikhakhane.