INHLANGANO yamatekisi kuleli, iSouth African National Taxi Council (Santaco), iphumele obala ngesinqumo sayo mayelana nesiteleka esihlelwa yi-Economic Freedom Fighters (EFF) ngoMsombuluko.
Le nhlangano ibe nomhlangano ne-EFF ngoLwesithathu ebusuku anduba ikhiphe isinqumo ngokumisa ukusebenza.
Namuhla, ikhiphe isitatimende esicacisa ukuthi amatekisi angaphansi kwayo azoqhubeka nokusebenza njengokujwayelekile.
– BAPHUMELE obala ngokungabi yingxenye yesiteleka ngemuva komhlangano nabe-EFF
– UMalema uthi akakaze abameme abeSantaco esitelekini sabo
– Umphakathi ushaya amakhala ngokwenziwa yiSantaco
UJulius Malema ongumholi we-EFF uthe babe nomhlangano nabeSantaco ukuze baqinisekise ukuthi bazobe bekhona abantu abatelekayo ngoMsombuluko, ngaleyo ndlela abamatekisi kumele bakubeke emqondweni lokho futhi bakulindele.
“Makungabi bikho ukulwa nokuqophisana phakathi kwethu ngoba siyasebenza sonke, ngeke kube kuhle ukubona abantu abangabasebenzi belwa bodwa,” kusho uMalema.
Just repeating what Julius said before meeting Mos🤷 pic.twitter.com/KdudCYpb60
— lesegoth (@lesegoth) March 16, 2023