UMNDENI wengane (2) enyamalale eZimpisini eNkandla emasontweni amabili edlule engakatholakali namanje uthi abehli ubuthongo kuwo wonke amalungu omndeni kulandela isigameko.
ULuzelwande Shange (2) unyamalale ngoSepthemba 18 kade ehamba nomzala wakhe (13) beyolanda izinkomo endle, kulandela ukungabuyi kwazo ngayizolo.
Ulahleka nje ubevakashele kubo kayise, ngokuvamile uhlala kubo kanina KwaNomahlosi, khona eNkandla.
Kuthiwa umzala kaLuzelwande umshiye esigangeni esibudebuduze nehlathi lapho abebona khona izinkomo zakubo.
Kuvela ukuthi uthe uma ebuya nezinkomo ethi uzothatha uLuzelwande lapho emshiye khona, wathola sekukhala ibhungane.
Kuthiwa wamumemeza, emfuna kodwa wangamthola, waze wayobikela abadala ekhaya, ababe sebehlaba umkhosi, kwaphuma umphakathi nawo uyobheka.
Kuvela nokuthi ntambama ngosuku lwesigameko kugcine kubikelwa amaphoyisa, nawo eza ezobheka, amanye aze afika nenja ehogela umkhondo kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.
Uyise kaLuzelwande, uMnuz Andile Mkhize uthe baphithene amakhanda ngokubehlele kodwa balokhu bevuka njalo beyobheka ehlathini.
“Silokhu sivuka siyobheka ukuthi ngeke yini sithuke simthola. Abanye babheka ebusuku, abanye babheke emini. Umphakathi uyaseseka kakhulu,” kusho uMkhize.
Uthe lokhu kubanika ithemba lokuthi sisengenzeka isimangaliso, atholakale esaphila uLuzelwande.
Nokho uveze ukuthi banezinsolo eziqinile zokuthi uthathwe umuntu othile.
Uthe basola ukuthi ngosuku lwesigameko uLuzelwande uthathwe umuntu ongaziwa, wacasha naye komunye wemihosha ekhona ehlathini.
“Sisola ukuthi kuthe uma kuhwalala, kwayima ephuma emhosheni ehamba naye eya ngasemgwaqweni,” kusho uMkhize.
Uthe lokhu ukusho ngoba lapho uLuzelwande enyamalale khona, kuqhele ngebanga elide kakhulu futhi akukho mizi noma umgwaqo eduzane.
“Siphatheke kabi sonke emndenini ngoba siyazibuza ukuthi ngabe udlani, ugqokani lapho ekhona,” kusho uMkhize.
Kuthiwa uLuzelwande ulahleke engaphansi kweso likagogo wakhe.
Ngesikhathi Isolezwe libika okokuqala ngalolu daba ngeledlule lithole ukuthi umzala kaLuzelwande ubuye watshela umndeni namaphoyisa ukuthi ngosuku lwesigameko kukhona indoda eyayigqoke ijazi elide eyayibalandela buqamama.
Kuthiwa bekuthi uma uLuzelwande nomzala wakhe bephumula ngenxa yokukhathazwa yindlela, nayo le ndoda ime izicofele iselula.
Kuvela ukuthi bekuthi uma beqhubeka nendlela yabo, nayo yenze okufanayo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe bangakuqinisekisa ukuthi ingane elahlekile isafunwa amaphoyisa.
“Sinxusa noma ubani ongaba nolwazi ukuthi athinte amaphoyisa aseduze noma athinte amaphoyisa enombolweni ethi 08600 10111,” kusho uLt Col Gwala.