KUQINISE umkhankaso KkaDkt Zweli Mkhize wokuhola i-ANC ukubonakala kwabaholi abasembangweni wezikhundla zokuhola le nhlangano engqungqutheleni eqhubeka eNasrec eGoli okulindeleke ukuthi isongwe kusasa.
UMkhize ubhekene noMnuzCyril Ramaphosa ofuna ihlandla lesibili ekuholeni le nhlangano.
Ukubonakala kwabaholi okubalwa kubo uMnuz Phumulo Masualle wase-Eastern Cape obanga isikhundla sikanobhala jikelele noMnuz Stanley Mathabatha waseLimpopo ogaqele esikasihlalo walenhlangano, kuqinise izinsolo zokuthi kunamalungu akulezi zifundazwe azovotela uhlangothi lukaMkhize.
Omunye wababonakele nguMnuz Pule Mabe okhulume namalungu aseka uMkhize izolo ekuseni, lapho ewanxenxe ukuthi avotele lo mholi.
UMathabatha ubebonwa njengomuntu oweseka uRamaphosa njengoba aphumela obala emcimbini weJanuwari 8 wale nhlangano ekuqaleni konyaka, wathi uRamaphosa bameseka ukuthi athathe ihlandla lesibili.
Ukusala ngaphandle ohlwini lukaRamaphosa lwenze wabona ukuthi kumele ayokweseka uMkhize.
Omunye umholi osale ngaphandle nguMnuz Paul Mashatile kwesephini likamengameli njengoba uhlangothi lukaRamaphosa luhambe noMnuz Gwede Mantashe.
UMashatile uyesekwa eGauteng kanti ukushaywa kwakhe ngesithende bekuzokwenza ukuthi amalungu aseGauteng avote neKZN. Omunye oshaywe ngesithende kulesi sikhundla nguMnuz Ronald Lamola waseMpumalanga.
Omunye wabazazi kangcono eze-ANC ocele ukungavezwa, uthe laba baholi baseka uMkhize, wathi umuntu uzothola isikhundla ngoba kukhona eza nakho okungamalungu.
Uthe banethemba lokuthi uMkhize uzowudla umhlanganiso njengoba esekwa nayisifundazwe esikhulu iKwaZulu-Natal.
Nosihlalo walesi sifundazwe uMnuz Siboniso Duma usekusho izikhawu eziningi ukuthi bazobuya naye uMkhize kule ngqungquthela.
UDuma wathi noma benamalungu abalelwa ku-800 azovota kodwa bayazidinga nezinye izifundazwe ukuthi zivote nabo ukuze badle umhlanganiso.
Engqungqutheleni yango-2017 eyayiseNasrec, iKZN ayizange ikwazi ukuthola isikhundla ebuholini bale nhlangano njengoba uDkt Nkosazana Dlamini Zuma owayegaqele esikamengameli washaywa nguRamaphosa kwathi uMnuz Senzo Mchunu wahlulwa nguMnuz Ace Magashule kwesikanobhala jikelele.
Umhlaziyi wezepolitiki waseNyuvesi yaKwaZulu-Natal, uDkt Fikile Vilakazi, uthe kungenzeka ukuthi ukuhoxa kukaDkt Dlamini Zuma embangweni wesikhundla sikamengameli nakuba ebehlale ethi ufuna ukuvotelwa, yingoba ezoqinisa umkhankaso kaMkhize.
UMkhize ekhuluma nalawa malungu, unxuse ukuthi avote ukuze kube nezinguquko kuleli.
Nezingoma eziculwa engqungqutheleni ziveza ukuthi kuhlukene phakathi lengqungquthela kulabo abaseka uRamaphosa; nalabo abaseka uguquko abathi bakhathele yiPhala Phala, ukucishwa kukagesi abaseka uMkhize.
Siye koshicilela kusaqhubeka ukubalwa kwamavoti ezikhundla eziyisikhombisa zabaholi abaphezulu.
Ngemuva kokumenyezelwa kwalaba baholi bekulindeleke ukuthi kuphakanyiswe labo abafuna ukungenababe ngamalungu engeziwe abazovotelwa namhlanje.