ABAMELI bakaMntwana uSimakade Jackson kaZwelithini bathi bazosiphikisa isicelo sokuthi kuhlehliswe icala elithinta umbango wesihlalo sobukhosi bukaZulu okufanele lingene eNkantolo eNkulu ePitoli ngesonto elizayo.
Bakusho lokhu emva kokuvela kwencwadi ebhalwe ngabameli abasha beSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini, iCavanagh & Richards Attorney, becela ukuthi kuhlehle ukulalelwa kwecala.
Encwadini ebhalelwe iPhini leNhloko yamaJaji eGauteng, iJaji Aubrey Ledwaba, abameli beSilo bathe badinga isikhathi sokuthi bacubungule konke okuthinta leli cala.
Kuleli cala uMntwana uSimakade uphonsela inselelo isinqumo sikaMengameli Cyril Ramaphosa sokuvuma ukuqokwa kweSilo.
Elinye icala lifakwe nguMntwana uMbonisi kaBhekuzulu, naye ophonsela inselelo isinqumo sikaRamaphosa.
Icala bekufanele lilalelwe izinsuku ezintathu, uMeyi 31, June 1 no 2.
Abameli beSilo bacele ukuthi kube nomhlangano nejaji lapho kuzovunyelwana khona ngezinsuku ezintsha.
Kule ncwadi ebonwe yiSolezwe, abameli beSilo abasha basole uNdunankulu kaZulu, Inkosi Mangosuthu Buthelezi, ngokunqaba ukusayina amaphepha afungelwe, nabathe kube yimbangela yokuthi iSilo singakwazi ukufaka ngesikhathi amaphepha aso asenkantolo.
Ummeli kaMntwana uSimakade, uMnuz Johann Hammann, uthe bazosiphikisa isicelo sokuthi icala lihlehle.
UHammann usole iSilo ngokusebenzisa amaqhinga okubambezela.
“Kusukela ekuqaleni bebevele besebenzisa amaqhinga okubambezela. Banikezwe isikhathi esanele ukuthi bafake amaphepha asenkantolo kodwa bakhetha ukungakwenzi lokho. Isikhathi sokuthi bafake amaphepha abo bekunguFebhuwari, manje sebeqhamuka sebezothi bazofaka isicelo sokuthi kuhlehliswe icala.
“Thina esikufunayo ukuthi kuqale ukuqulwa kwecala ngoba sikulungele. Bona kufanele benze isicelo sokuthi benzelwe ushwele, bavunyelwe ukuthi bafake amaphepha abo yize sekudlule isikhathi. Ngaleyo ndlela angeke kuphazamiseke ukulalelwa kwecala. Iqiniso ukuthi amaphepha abo akhona, kushoda ukuthi asayinwe.”
UHammann uthe uma ijaji lingase livumele ukuthi icala lihlehle, kuyosho ukuthi leli cala seliyoze libuyele enkantolo ngasekupheleni konyaka.
“Iqiniso ukuthi ijaji elizohlalela icala lingaze litholakale ngoNovemba noma ngoDisemba. Lokhu ukubambezeleka okungenasidingo.”
Imizamo yokuthola ukuphawula kwabameli abasha beSilo ayizange iphumelele njengoba intatheli iyalelwe ukuthi ishiye inombolo yayo, yathenjiswa ukuthi umuntu ogunyazwe ukukhuluma nezintatheli uzoyifonela.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engafonanga.
Ngokolunye uhlangothi uButhelezi unqabile ukuphendula izinsolo zokuthi uyenqaba ukusayina amaphepha asenkantolo, wathi angeke akwazi ukuphawula ngecala ngoba lisephambi kwenkantolo.
Lokhu ukusho ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngoMgqibelo.