ISouth African Federation of Trade Unions (Saftu) ifuna bajeziswe kanzima abaqashi ababambela abasebenzi imali yempesheni kodwa bagcine bengayidluliselanga ezikhwameni ezifanele.
ISaftu isho lokhu emuva kokuthi umxazululi wezinkinga zempesheni, uNksz Muvhango Lukhaimane eveze ukuthi abasebenzi bakuleli bakweletwa uR7 billion yizikhwama zempesheni.
IFinancial Sector Conduct Authority (Fsca), ishicilele uhlu lwezinkampani eziwu-4 200 ezibambela abasebenzi imali yempesheni, kodwa zingayifaki esikhwameni esifanele.
Iningi lalezi zinkampani ngeziqashe onogada kanti ulwazi lutholakala ku-www.fsca.co.za
UNksz Lukhaimane uthe uma izinkampani zingayifaki imali esikhwameni sempesheni kufanele zithathelwe izinyathelo.
Ubalule ukuthi izinkampani ezingakhokhi imali yempesheni zikweleta phakathi kwezinyanga ezinhlanu kuya ezinyangeni eziwu-252 okusho ukuthi iminyaka ewu-21.
“Izikhalo ezingaphezu kuka-80% engizitholayo ngezabasebenzi abakweletwa imali yabo yempesheni.
“Bathola lokhu uma sebethathe umhlalaphansi noma sebexoshiwe, sebeyofaka isicelo semali yabo.
“Kufanele abahleli emabhodini ezikhwama ezahlukene zempesheni bathathe izinyathelo uma umqashi engayikhokhi imali yabasebenzi yempesheni yize ebadonsela,” kuchaza uNksz Lukhaimane.
Uthe ngokomthetho wePension Funds Act, kufanele inkampani engayikhokhanga izinyanga ezintathu impesheni, ivulelwe icala.
Uveze ukuthi abangayikhokhi imali yempesheni esikhwameni esifanele bebe beyidonsa emaholweni abantu, bangahlawuliswa uR10 million noma iminyaka ewu-10 bebhadla ejele.
UNobhala Jikelele weSaftu, uMnuz Zwelinzima Vavi uthe imali yempesheni idonswa eholweni lomsebenzi nyangazonke bese enye ingxenye ikhokhwa wumqashi.
Uthe le mali kufanele iye esikhwameni sempesheni esifanele ukuze uma umsebenzi esethatha umhlalaphansi, akwazi ukuphila impilo engcono.
“Sibonga iFCSA ngokushicilela uhlu lwabaqashi abaxhaphaza abasebenzi ngokubabambela imali yempesheni bese bengayifaki esikhwameni esifanele.
“Kufanele manje uhulumeni aqinisekise ukuthi abanikazi balezi zinkampani bajeziswa kanzima.
“Abakhokhiswe imali abayikweleta abasebenzi nenzalo yayo noma kulandelwe lokhu okushiwo wumthetho wezimpesheni. Lo mthetho ukubeka kucace ukuthi kufanele bahlawuliswe uR10 million noma bavalelwe ejele iminyaka ewu-10,” kusho uVavi.
Uthe abasebenzi basebenza kanzima ukuze kuthi uma sebethathe umhlalaphansi bangabi wumthwalo kuhulumeni, kodwa bakwazi ukuphila impilo engcono nemindeni yabo.
“Imali yempesheni ibalulekile kubasebenzi ngoba iyabasiza ukuba baphile impilo abayijwayele, banganciki ezibonelelweni zikahulumeni. Bayakwazi nokuqhuba izingane esikoleni nokuthuthukisa impilo yabo.
“Abasuke bexoshiwe noma bephelelwe wumsebenzi kungakafiki umhlalaphansi, le mali iyabasiza ukuthi babe nemali yezidingo zabo ngesikhathi besafuna omunye umsebenzi.
“Abanye bathenga imizi noma izimoto. Uma bengasayitholi kubadalela ukhwantalala nezinye izinkinga zempilo,” kuqhuba uVavi.
Uphethe ngokuthi abaqashi abaphula umthetho wezimpesheni kufanele bajeziswe kanzima.
UNkk Lukhaimane ugqugquzele abasebenzi ukuba babheke njalo uma kuphela inyanga ukuthi izinkampani abazisebenzelayo ziyayidlulisela yini imali ezikhwameni zempesheni.
Uma bethola ukuthi aziyifaki esikhwameni ucele ukuthi bathinte ihhovisi lakhe ku-www.pfa.org.za. Bangashayela u-012 346 1738 noma bathumele i-email [email protected]