ABAMELI babamangalelwa ecaleni lokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa, bathimule bengabhemile ngendlela amaphoyisa ashintshana ngayo ngesibhamu okuthiwa sadubula umufi. UMeyiwa wadutshulwa wabulawa ekubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo eVosloorus, eGauteng ngo2014.
Kumanje kushushiswa abalisa abahlanu okuthiwa yibona abayisa uMeyiwa kwagoqanyawo, udaba luqhubeka eNkantolo eNkulu ePitoli. Udaba lwesibhamu ludingidwe cishe usuku lonke ngesikhathi kuphekwa ngemibuzo ufakazi oyiphoyisa uCaptain Blessing Mtshali osebenza lapho kugcinwa khona amazibithi.
Ubufakazi boMbuso buthi uMeyiwa wadutshulwa ngesibhamu iCZ 75 Calibre. Kuvela ukuthi amaphoyisa abopha umsolwa wesithathu uMnuz Mthobisi Mncube maqondana nelinye icala, amthola ephethe isibhamu esingekho emthethweni. Kuthiwa isibhamu satholwa nezinhlamvu ziphakathi kusona ezinye zisebhokisini zaba wu28 sezizonke. Icala lesibhamu laqulwa lamlahla uMncube kumanje udonsa isigwebo.
Phambilini kwavela ukuthi uphenyo lukhomba ukuthi isibhamu esatholwa kuMncube esenkampani yabaqaphi iFidelity futhi sathathwa ngesikhathi umsebenzi wabo ebanjwa inkunzi.
Ukutholakala kwesibhamu kuMncube yikhona okwaholela ekutheni agcine eboshelwa icala lokufa kukaMeyiwa nabanye abamangalelwa anabo ebhokisini. UMtshali uthe kwashintshwana ngaso izikhawu isibhamu kwenziwa uphenyo
Iphoyisa uMtshali beliphoswa imibuzo abameli babamangalelwa ngendlela okwaphathwa ngayo isibhamu esiyingxenye yobufakazi. UMtshali uthe ngesikhathi kwenekwa udaba enkantolo ubonile ukuthi kungenzeka kwaba nokungahambi kahle ngesibhamu.
UMtshali uthe isibhamu sake sathathwa wuCaptain Christian Mangena ongungoti wezibhamu sabuye sathathwa wuBrigadier Bongani Gininda, ongumphenyi wecala omkhulu. Kuvele nokuthi kunesitatimende sikafakazi esiveza ukuthi kukhona isikhathi lapho isikhwama sobufakazi esasinesibhamu satholakala sivuliwe.
U-Advocate Zandile Mshololo omele ummangalelwa wesihlanu, uMnuz Sifisokuhle Ntuli, ubemile ekutheni kukhona amathuba okuthi kukhona okuthile okwenziwa kulesi sibhamu ngesikhathi kushintshwana ngaso. Icala liguqele ukuthi libuyele enkantolo ngoMsombuluko lapho okuzoqhutshekwa khona nokulalela ubufakazi boMbuso.