ABALIMI sebecele uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, ukuthi aqinise ezokuphepha emakhaya ukuze abalimi bangaphazamiseki ekukhiqizeni ukudla.
UMnuz Uys van der Westhuijzen, onguSihlalo we-AgriSA Centre for Excellence Rural Safety, uthe baphoxekile ukuthi uCele akazange asho lutho ngezokuphepha emakhaya ngesikhathi ethula isabelomali somnyango wakhe ePhalamende.
Uvan der Westhuijzen uveze ukuthi ngoJuni wonyaka odlule babenengqungquthela yezokuphepha emakhaya lapho babethemba khona ukuthi bazosebenzisana namaphoyisa ukuvikela imiphakathi yasemakhaya ikakhulukazi leyo enamapulazi.
“Abalimi babhekene nezingqinamba eziningi zezokuphepha. Kunobugebengu obunodlame obuholela ekubulaweni kwabantu, ukulinyazwa kwengqalasizinda nokunye okuphazamisa ukukhiqizwa kokudla. Kubalulekile ukuthi kube nohlelo olukhuluma ngezokuphepha emakhaya emaphoyiseni ukuze kungaphazamiseki ukukhiqizwa kokudla,” kusho uvan der Westhuijzen.
Uveze ukuthi uma bekhuluma ngokuphepha kwezindawo zasemakhaya abakhulumi ngabalimi kuphela kodwa bakhulumela wonke umuntu ohlala ezindaweni zasemakhaya.
UCele wabelwe uR102 137 billion onyakeni wezimali ka-2023/24.
Le mali uthe uzoyisebenzisa ukulwa nobugebengu ngezindlela ezihlukene okubalwa ukuthenga izimoto ezintsha ezizosiza amaphoyisa ukuhamba kalula uma enza umsebenzi wawo.
Uthe uzofaka uR70 million kuma-community policing forum kuzo zonke izifundazwe zakuleli, kube noR5 million ozokwenza izimbizo neminye imikhankaso yokuqwashisa ngobugebengu.
Ubalule ukuthi kuzosetshenziswa ubuchwepheshe, kuthuthukiswe nezokuphenya, kuthengwe amadrone, kufakwe amakhamera ezindaweni ezinobugebengu obuxakile kanti namaphoyisa azogqoka amakhamera kwezinye izindawo.
UCele uthembise ukuthi kuzoqeqeshwa amaphoyisa awu-10 000 njalo ngonyaka.