ABAHOLI bebandla uMusa Wokuphila KweZikhova Ezimqini bathi bazimisele ngokulekelela abantu abasha balo nabo bagcine sebedlondlobala kwezamabhizinisi.
Abaholi baleli bandla uMfu Sifiso Gabela nomkakhe, uMfu Buyisile Gabela, baphinde babe ngosomabhizinisi. Lokhu bakusho kwindumezulu yenkonzo yaleli bandla yokuvala unyaka ebikade isesikoleni iDr BW Vilakazi Primary kwa-F, KwaMashu, muva nje.
UMfu Gabela uthe bakholwa ukuthi kumqoka ukuba ibandla likaNkulunkulu libe nabantu abasha abanentshisekelo yokuba nekusasa elingcono.
Uthe bafuna ukuthi abantu abasha abanentshisekelo yokungena kwezamabhizinisi bancele kogwansile ngokusondela kubona.
''Sizimisele ngokuthi senze konke okusemandleni ethu ngenhloso yokubakhulisa kwezamabhizinisi abantu abasha bethu. Ngokubambisana nakanjani lokhu kungenzeka ngaphandle kwenkinga,'' usho kanjena.
Uphinde wakhuluma kabanzi ngokubaluleka ukuba abantu abasha babo bagxile emfundweni.
Uthe lokhu kuyinto eseqhulwini kubona ngoba bayazi ukuti imfundo iyisikhali esimqoka sekusasa eliqhakazile kubona bonke abantu abasha abaphila kulesi sikhathi.
UGabela ubonge bonke abazalwane baleli bandla ngokuthembeka kuNkulunkulu kusukela unyaka uqala kuze kuba kufika isikhathi sokusongwa kwawo.
Kuphindwe kwayalwa nabantu abasha ngokuthi baqhubeke nokuziphatha kahle ngesikhathi samaholidi kaKhisimuzi.
Ngalolu suku abantu abasha baleli bandla babonge kakhulu abaholi babo ngokubakhuthaza kanjalo nangokubafundisa okuningi mayelana noNkulunkulu.
Bachaze abaholi babo njengabantu okulula ukuholwa yibona futhi okubonakalayo ukuthi bafuna ukubabona benza ngcono empilweni ngaso sonke isikhathi.
Leli bandla lingaphansi kwe-Ethiopian Holy Baptist Church in Zion (EHBC) iZikhova Ezimnqini eziholwa nguSenior Bishop Jeremiah Mashinini.