BACEBE uhulumeni kwiKhomishini yamaLungelo abaNtu abagilwa nemindeni yabasocongwa ePhoenix ngezibhelu zangoJulayi 2021, ukuthi akaze abasize ngalutho.
IKHOMISHINI yezamaLungelo abaNtu eNingizimu Afrika ihlangane nalaba bantu esikoleni iSithabile Secondary, eMatikwe eNanda izolo.
Isibuya isibili ikhomishini izolalela izimvo zabagilwa nemindeni yababulawa, ithole nokuthi benzekile yini ubulungiswa.
Izikhalo ezozithatha zizolekelela ikhomishini ekutheni ikhiphe umbiko wesikhashana anduba kukhishwe ophelele ozobe usuqukethe izinhlaka ezithintekayo, kubalwa amaphoyisa naboPhiko lwezokuShushisa kuzwelonke.
Kwashona abantu abangu-36 ePhoenix ngezibhelu, abangu-33 kulesi sibalo kwakungabohlanga abashaywa, bagengcwa, badutshulwa abanye bagwazwa.
UMnuz Chris Biyela, ongusihlalo wekomiti elaligqugquzela ukubuyisana nokuthula kwabohlanga namaNdiya, elabunjwa nguMnuz Bheki Cele emuva kwezibhelu ePhoenix, uthe imindeni iyitshelile ikhomishini ukuthi amacala ahoxiswa, ayikaze inxeshezelwe futhi ayisanakwe muntu.
UBiyela uthe emuva kwezibhelu babhalela ikhomishini izitatimende, bethula nobufakazi uhulumeni engakenzi lutho.
“Kwakungakaboshwa muntu, kungakayi muntu enkantolo futhi kungakagwetshwa muntu. Ayengekho amacala ayesehoxisiwe ngoba kuthiwa kushoda ubufakazi. Yonke into yayisekuqaleni. Manje ikhomishini izothatha ubufakazi bokuthi emuva kokuthi sesifakazile, uhulumeni usenzeni” kuchaza uBiyela.
Uqhube wathi kuzobuzwa ukuthi sebenziwe yini ubulungiswa ukwenzela ukuthi uma sekukhishwa umbiko ibe nakho ukuthi uMbuso uhluleke wancama ukubatholela ubulungiswa.
“Kwasiphatha kabi ukukhishwa kwabantu ababekade beboshiwe ngoba kuthiwa kabukho ubufakazi, ekubeni babukade bugcwele yonke indawo.
Le nto ikhomba ukuthi abantu ababekade bethatha izitatimende emaphoyiseni babengenayo intshisekelo yababekwenza, ukuze abantu bagcine beboshiwe,” kuchaza uBiyela.
Ngeledlule Isolezwe lixoxe noMnuz Wisani Baloyi, othe basophe ukukhipha umbiko wesikhashana kule nyanga.
UBaloyi uchaze nangobekwenzeka izolo, wathi bonke abathintekayo bazonikwa elinye ithuba lokuba benze izitatimende ngaphambi kokukhishwa kombiko ophelele.
Phambilini ikhomishini ibe nezigcawu eMhlanga eThekwini naseSandton eGauteng, okufakaze kuzona ongqongqoshe, ubuholi bamaphoyisa, abamahlelo ehlukene emphakathini noMengameli Cyril Ramaphosa.
Babalelwa ku-350 abantu abashona KwaZulu-Natal naseGauteng ngesikhathi kutatshwa.