UMNDENI wowesifazane owabulawa, okuthiwa babefuna indodakazi yakhe, kwaboshwa umnakwabo wendodakazi nabasolwa ngokuba yizinkabi, ufuna abasolwa banganikwa ibheyili.
Laba basolwa abahlanu, okungoMnuz Khululeka Simo Cele (32), Mxolisi Gcaba (30), Sihle Sboniso Sikhakhane (35), Cebo Zulu (32) noNksz Ncamile Zomakahle Ngcobo (30) bebevele izolo eNkantolo yeMantshi yase-Escourt.
Babhekene necala ngokubulala uNkk Khombisile Zuma ngoSepthemba 24 ekwakhe eHlathikhulu. Umufi ungunina kaNksz Zinhle Mazibuko ongumnakwabo koyedwa wabasolwa, uNksz Ngcobo. Icala labo lihlehliselwe uLwesithathu oluzayo.
Ngosuku lwesigameko uNksz Mazibuko wayekade ezolotsholwa emini, kwathi ntambama kwazohlasela abasolwa bafike badubula uNkk Zuma wafa.
IMantshi uMnuz Gillespie, ithe icala liyahlehla ngoba ummeli wabasolwa akekho. Kuvela ukuthi ubebikile ukuthi ngeke abe khona.
UGillespie uthe uma sebevela ngesonto elizayo abamangalelwa, bazofaka isicelo sabo sebheyili.
Inkantolo ibigcwele phama umphakathi, izihlobo nomndeni abebezothamela icala. Abanye bebeze bagonane.
Ngesikhathi kungena abasolwa ngokulandelana kwabo, kube nemvunge, abebethamele bezwakalisa ilaka labo.
Abasolwa bangene bebukeka bedabukisa, begoqele izandla ngaphambili. Amehlo abo bebewabhekise phansi.
Indodana kamufi, uMnuz Mfijoli Zondi, uthe akukho abakulindele ngaphandle kokuthi umthetho udlale indawo yawo ngonina obulawe ngesihluku.
Uthe babulawelwe unina engenze lutho ngakho kabadingi ukuzwa kuthiwa abasolwa banikwa ibheyili.
"Ukunikwa kwabo ibheyili phela kuzobe kusho ukuthi thina asiphephile, kuzobe kusho ukuthi nathi sekufanele sibone ukuthi senzanjani," kusho yena.
Indodakazi kamufi, uNksz Nosipho Mazibuko, uthe bezwa ubuhlungu ngokuthi lilokhu lihlehla icala.
"Sifisa sengathi ngabe sebegwetshiwe. Kusiqeda amandla ukuthi silokhu siza enkantolo bese liyahlehla," kusho uNksz Mazibuko.
Uthe kwakhona ukuthi banesibindi sokuthi bazofaka isicelo sebheyili kuyabamangaza.