BAXOSHIWE endaweni abebehlala kuyo abafundi bakwaGrade 12 base-Albini Girls High, eNtshongweni okuthiwa abalawuleki.
Laba bafundi abangu-39 abebehlala endaweni engaphakathi emishini yamaKhatholika okwakhiwe kuyo lesi sikole bakhonjwe indlela uFata wale mishini ethi ukuziphatha kwabo kuyingozi akusabekezeleki.
Isikole siphethwe uMnyango wezeMfundo kodwa indawo yokuhlala izimele ilawulwa ngamaKhatholika.
Abazali bathi ngemuva kwesigameko sokugula kwabafundi kusolwa ukuthi badle ukudla okunobungozi kwabizwa umhlangano bezobikelwa ngemiphumela etholakale ngesikhathi kuhlolwa, ngemuva kwalokho babe sebetshelwa ukuthi u-matric uyaxoshwa emishini.
“Kwathiwa abafundi ababegula ngempela babebahlanu, iningi lalizenzisa. Kwabe sekuthiwa ukuhlala ngaphakathi kwabafundi bakwaGrade 12 kuzogcina ekupheleni kwekota yesibili. Uma sibuza ukuthi zenzeni izingane zethu, kwathiwa ziziphethe kabi, phakathi kwezinto ezizenzile zivalele ngaphandle * -anti ozigadayo zavulela amanzi okucisha umlilo uma kwenzeka kuba nomlilo, zisebenzisa izidakamizwa okuwutshwala nezinye izidakamizwa, kunama-video awubufakazi balokhu. Kwavela nokuthi bake babasa umlilo ngaphakathi kule ndawo,” kusho umzali ongathandanga ukudalulwa.
Lo mzali othe akanayo indawo abangahlalisa kuyo ingane yakhe njengoba engowaseGreytown, izolo ubesemishini ezoncengela ingane yakhe ukuthi ibuyiselwe ngaphakathi.
Usihlalo wesigungu sabazal kulesi sikole, uMnuz Sandile Zondi, ukuvumile ukuthi abafundi abangu-39 bakwa-matric baxoshiwe emishini. “Sekuphele amasonto amabili ngizama ukulungisa lolu daba noFata ngimcela ukuthi azijezise ngenye indlela izingane. Siyavuma ukuthi izingane zethu kukhona ezikwenzile kodwa sicela ukuthi kubhekwe enye indlela yokuzijezisa, zingaxoshwa emishini ngoba abazali bebenezizathu zokuziletha lapha,” kusho yena.
Uthe ngokuthola kwakhe abafundi kuthiwa baqambela o-anti amanga bathi bayeba, bathandana bodwa ekuthandaneni kwabo kube nemibango kugcine kuliwa, bayaphuza kutholakale amabhodlela ngaphakathi emishini.
Abafundi abakhulume naleli phephandaba bathe ngamampunge okushiwo ngabo kodwa wo-anti abantshontsha imali yabo futhi yibo abaphuzayo. Bathe o-anti bayabethuka bathi abasafanele ukuthi bahlale ngaphakathi ngoba abasezona izintombi nto.
Ebuzwa uFata Mhlengi Ngcobo ukuvumile ukuthi ubaxoshile abafundi bakwaGrade 12 emishini, wathi indlela abebeziphethe ngayo iyingozi kubona nakwabanye abafundi yingakho isigungu esiphethe imishini sithathe isinqumo sokuthi baxoshwe.
“Abazali abaningi bese bebonile ukuthi izingane zabo azisaphephile ngenxa yemikhuba eyenziwa ngabafundi bakwaGrade 12 abahlala ngaphakathi. Bangu-9 abafundi okuthiwa abakayitholi indawo yokuhlala esisabonisana nesigungu semishini ukuthi bazokwenziwa njani, abanye abazali babafundi bazenzile izinhlelo zokuthi bazohlala kuphi,” kusho yena.