ABEZWA lutho abantu baseNingizimu Afrika ngemali yabo esemabhodweni empesheni njengoba abantu sebeqalile ukufaka izicelo zokukhipha o-R30 000 babo.
UNksz Michelle Acton oyi-Retirement Reform Executive (Isikhulu esikhulu) e-Old Mutual, uthe ngoLwesibili bangaphezu kuka-93 000 abantu abangene ku-WhatsApp wale nkampani bebuza ngendaba yokukhipha u-R30 000 wabo osebhodweni lempesheni elibizwa nge-savings pot.
Uthe selokhu kuqale uhlelo lwe-two pot retirement system bathole izingcingo ezingaphezulu kuka-1000 kodwa konke kuhamba kahle.
“Amakhasimende ethu afuna ukukhipha imali ayasizakala. Ziningi izingcingo esesizitholile, bayangena ku-WhatsApp nakwezinye izindlela zokuxhumana abantu. Okwamanje izinhlelo zethu zisahamba kahle.”
UKhomishana we-South African Revenue Service, uMnuz Edward Kieswetter, uthe ngoMsombuluko baphasise izicelo zokukhipha imali eziwu-2 759, kwathi ngoLwesibili bathola eziwu-2 424. Lokhu uthe kusho ukuthi abantu bazothola imali ewu-R103 million bese kungena intela ewu-R6.7 million.
KwaSanlam bathe ngoSepthemba 1, abantu bese beqalile ukufaka izicelo zokukhipha imali ebhodwe lempesheni.
Baveze ukuthi konke kuhamba kahle base becela abantu ukuthi bangajahi ukukhipha imali ngaphandle uma kunezizathu ezibaphoqa ukuthi bayikhiphe.
Bathe amakhasimende abo azokwaziswa ngazo zonke izigaba zokukhipha imali ngoba le ye-two pot izothatha isikhathi esijana kunesijwayelekile.
IGovernment Employees Pension Fund (GEPF) yazise abantu ukuthi bathole uhlelo olusha lwe-app ye-GEPF etholakala ku-Android naku-Huawei.
Abasebenzisa i-IOS bazokwazi ukuyithola ngoSepthemba 23 le app yokuzisiza.
Ithe uma sekuqinisekiswe yonke imininingwane yomuntu kuzothatha izinsuku eziwu-60 ukuba imali ingene kwi-akhawunti yomuntu.
IMomentum igqugquzele abantu ukuthi basebenzise i-app ukufaka izicelo zokukhipha imali, yathi izinkumbi ezithutheleke emahhovisi ayo.