NKOSIKHONA CELE
UMASIPALA waseMnambithi, i-Alfred Duma ugcine usifezile isethembiso sokwenza konke okusemandleni ukutakula abadayisi basemgwaqweni bakule ndawo.
Lesi sibophezelo senziwe yiMeya yalo NMasipala, uMnuz Zama Sibisi ngesikhathi abadayisi abangu-35 begixatshezwa yilo masipala ngezindlu zokudayisela.
UMnuz Sibisi uthe bayakholelwa kakhulu kwiqhaza labadayisi basemgwaqweni wathi yingakho njalo bezibeke eqhulwini izidingo zabo.
''Siyakholelwa kakhulu kubasebenzi bethu basemgwaqweni. Siyazi ukuthi banendima abayidlalayo ekufukulweni komnotho wedolobha. Yingakho nje sizimisele ngokubalekelela lapho kunesidingo khona, sizohlala sisiza,“ usho kanje.
Mayelana nezindlu ababagixabeze ngazo uthe bakuqaphelile ukuthi zibalulekile kakhulu kubona njengoba uma libalele ilanga beliphelela kubona kanjalo nemvula ibizenzela.
"Sibe sesibona ukuthi masisukume sibalekelele ngezindlu. Siyakholwa ukuthi zizokwenza izimpilo zabo zibe ngcono kakhulu manje,'' usho kanje.
Uthe lolu hlelo alumile, bakhona nabanye abasazoluthola lolu sizo kanti okumqoka kakhulu wukuqinisekisa ukuthi basebenza bejabulile kule ndawo yabo.
UNkk Nomalanga Gumede ongomunye wabahlomulile uthe bajabule kakhulu ngezindlu abanikezwe zona.
Ulimise ngesihloko elokuthi kwesinye isikhathi bekumane kube lukhuni satshe ukusebenza ungenayo indlu.
Uthe babonga ukuthi kwathi uma bezikhalela kulo masipala wangabachizela kodwa kunalokho wathembeka wabuya wabakhela izindlu ezingu-35.
UNkk Zandile Mfekayi uthe bese kuphele isikhathi eside edayisa ngaphandle kwendlu, muva nje ukholwa wukuthi sekuzoba ngcono kakhulu.