UMSAKAZO owenza inzuzo ozinze eGoli, iKaya FM, sewukhombe indlela isilomo somsakazi, uDineo Ranaka.
Emasontweni ambalwa edlule kuke kwavela ukuthi uDineo unenkinga kangangoba unokufuna ukuthatha umphefumulo wakhe.
Baningi abakhombisa ukuzwelana noDineo ezinkundleni zokuxhumana ngesimo abebhekene naso.
Ugcine ehlaba ikhefu nasemsakazweni ngenhloso yokuthi ayothola usizo. Ohlelweni lwakhe olungena ekuseni kulo msakazo kugcine kuthathwa uSizwe Dlomo owenza uhlelo lwantambama ukuthi kube uyena owenza lolu hlelo lwasekuseni, alwenza noSol Phenduka obevele ebambisene naye uDineo.
Umthombo osondelene nalesi simo kulo msakazo uthe, into ecasule abaphathi beKaya FM kakhulu ukuthi, uthe eseluleme uDineo, kulindeleke ukuthi abuye emsakazweni, yena wabonakala nabanye osaziwayo abafana noMac G, Gugu Khathi, DJ Tira bese New York kwiShisanyama Festival.
UDineo ubhale nakuTwitter wakhe wathi, “Sengixoshiwe kwiKaya FM, ziyenzeka izinto empilweni yami.”
Imizamo yokuthola abeKaya FM ayiphumelelanga.