UKHOMBISE ubuqhawe umsunguli weNkatha, Inkosi uMangosuthu Buthelezi ngokuhlanganisa izitha ezingafunani.
Ukugqama ngokuhlanganisa imihlambi eyalanayo uMntwana waKwaPhindangene ukubonakalise ngamahora ambalwa nje endele koyisemkhulu ngoMgqibelo odlule.
Inqwaba yabantu kubalwa nalabo abaziwayo ukuthi ababhekani bahlangana emzini wakhe bezoveza amehlo.
Ngosuku ahambe ngalo nangezinsuku ezilandelile, kutheleke izinhlangothi zaseNdlunkulu okwaziwayo ukuthi bezingamthandi ngenxa yokweseka kwakhe iSilo uMisuzulu ukuba singene esihlalweni sikayise, uZwelithini kaBhekuzulu.
Kuyiqiniso elingephikwe ukuthi kunabaholi be-ANC abebeqala ukubeka imicondo emagcekeni aKwaPhindangene kulandela ukuhamba kwakhe.
Ngaphandle kokubuyisana nezitha zayo, inkosi yakwaButhelezi iphinde yahlanganisa ngaphansi kophahla olulodwa izitha obekungacatshangwa ukuthi zoke zihlale ndawonye ngaphandle kokuhlangana ePhalamende.
Kulabo singabala uMnuz Julius Malema noMengameli uCyril Ramaphosa okwaziwayo ukuthi bayinkukhu nempaka ngenxa yokungaboni ngasolinye kwezepolitiki.
UMalema usamemezela ukuthi lapho bembona khona uRamaphosa abomhhahhameza kodwa namhlanje bebehleli ndawonye ngenxa yokuhlonipha inkonzo yokuphelezela inkosi yaKwaPhindangene.
Abanye okungaselula ukubabona ndawonye nguye uRamaphosa nobengumengameli uMnuz Jacob Zuma. La madoda agijimisana ezinkantolo kodwa namhlanje abonakale exhawulana, konke okwenzeke ngenxa yokuhamba koMntwana.
Nabaholi be-NFP nabe-IFP, ikakhulukazi eZululand, bahamba bejeqeza ngenxa yokushuba kwesimo sezepolitiki phakathi kwabo, ikakhulukazi kwaNongoma kodwa ukuhamba kukaShenge kubahlanganisile.